Lubhalwe nguKhaya Ndaba
I-Soweto’s Finest ibingakaze ibe ngelinye lamaqembu omdanso amakhulu kuleli.
Kunesikhathi lapho ababenakho kwakuwuthando lwabo lomdanso, ukuzimisela kwabo, ukusebenza ngokuzikhandla kanye nesifiso esivuthayo sokukhuphuka ohlwini nokuthi bazakhele igama endaweni yokudansa yokuncintisana.
Leli qembu lasungulwa ngasekuqaleni kwango-2000 ngesikhathi sokuqhakambiswa komdanso ezweni, kanti i-Soweto’s Finest yasheshe yaba ngelinye lamaqembu omdanso ashisa izikhotha endaweni.
Namuhla leli qembu liphethwe ngabasunguli balo uNjabulo Mahlaba, uNkululeko Nyembe, uMpho Rapote kanye noThomas Chauke, futhi bonke baneminyaka eko-30.
Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, uMahlaba uthe elokishini ubudlala ibhola noma ubudansa.
“Yilokho kuphela esasikwazi,” kusho Mahlaba.
“Ngakho-ke, nganquma ukungena emdansweni njengendlela yami yokuzijabulisa. Ngangineminyaka engu-12 kuphela futhi umdanso wawuyinto enkulu.”
Naphezu kokuncintisana okunzima endaweni yomdanso, i-Soweto’s Finest yakhula yafunda yaphinde yavela njengelinye lamaqembu ahamba phambili namakhulu emiqhudelwaneni yokudansa.
Basungula umcimbi wabo womdanso i-Soweto Dance Festival eqhubeke ngamandla kusukela ngo-2014.
Ukuphumelela kwabo emqhudelwaneni kubenzele idumela elihle nabalandeli abaningi noma yikuphi lapho abadansa khona.
Ngayo yonke injabulo nokunakwa banquma ukuvula isitudiyo sabo sokuqala sokudansa enxanxatheleni yezitolo e-Southgate lapho ababefundisa khona abanye abantu ukudansa.
“Besifuna ukwakha indawo yokudansa lapho izingane nabantu abadala abazokwazi ukuzofunda ukudansa khona nokudala amathuba ayengekho sisakhula,” usho kanje.
Impumelelo yabo enkulu kuze kube manje ibandakanya ukuba yingxenye yeqembu lokucula emcimbini wokuvala kwiNdebe yoMhlaba yango-2010 kanye nohambo lwase-Europe olwalunqamula e-France kusukela ngo-2013 kuya ku-2017.
Bake badansela uMakhadzi, baba yingxenye yomncintiswano wokudansa “i-Dance Yo Dumo” ku-SABC1 baphinde baba ngabadansi bezingoma zomculi ongasekho uCosta Titch ngesikhathi ecula bukhoma.
Njengamanje i-Soweto’s Finest ilungiselela umcimbi wangomhlaka-16 kuNhlangulana wenyanga yentsha ozoba e-Newtown’s Old Train Station.
Banezinye izinhlelo ezinkulu zeminyaka emithathu ezayo njengoba behlela ukuvula izitudiyo zomdanso kuwo wonke amalokishi aseGoli bese benweba umsebenzi wabo nakwezinye izifundazwe.
Esithombeni esingenhla: I-Soweto’s Finest
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe