Lubhalwe nguKhaya Ndaba
Ngomsindo wayo we-pop nowe-Afro-psychedelic wesikhathi esizayo ohlukile i-Bantu Continua Uhuru Consciousness eyaziwa kangcono nge-BCUC sekuphele iminyaka engamashumi amabili yenza ezibukwayo.
Leli qembu elizinze e-Soweto belijabulisa abalandeli ngevuvuzela, ingoma, o-bass, i-conga kanye namaphimbo ngezilimi zakuleli nokuyinto eshiye izithameli zilangazelela okunye.
Ngaphandle kwezinselelo esabhekana nazo ngesikhathi somvalelo we-Covid-19, leli qembu likwazile ukuzilolonga lakhiqiza izingoma ezintsha eziyingxenye ye-albhamu yalo esanda kukhishwa ethi-Millions of Us ngaphansi kwelebula eqopha umlando ezinze e-London, i-On The Corner.
Le albhamu iyingxenye yemigubho yabo yokugubha iminyaka engu-20 leli qembu lasungulwa futhi bayayikhangisa ezinhlelweni zabo ezizayo.
Uhambo lwe-BCUC olubheke empumelelweni alubanga lula kodwa impumelelo yabo enkulu yaqhamuka ngo-2016 ngesikhathi benandisa kwi-Transmusicales Festival e-France. Uhlelo lwabo lwashiya abantu abangu-4 000 bebambe ongezansi ngethalente labo.
Umculi ohamba phambili uKgomotso Mokone uthe ngaphambi kokuthi i-BCUC iqale bekuyinhlangano yabangani abebethanda izinto ezifanayo nemibono ehlukene kwezobuciko.
Iqembu laqanjwa ngesikhathi uJovi noCheex behlangana esikhungweni sabo sezobuciko e-Soweto baqala ukucula ndawonye. Ekugcineni amanye amalungu ajoyina engeza izigqi ezihlukile kumsindo wokuqala.
Umculo we-BCUC uhehe abalandeli emhlabeni jikelele, kanti sebedlale eziteji eziningi kuleli nasemazweni angaphandle, njengase-Fete de Musica, i-ACCES Africa kanye ne-Basha Uhuru.
Ukucula kweqembu kwakamuva kwi-Constitution Hill Human Rights Festival ngomhlaka-25 kuNdasa kubonise ithalente labo elivelele, okufakazela ukuthi baya ngokuya bekhula.
Njengoba i-BCUC igubha iminyaka yayo engu-20 kanye nokukhishwa kwe-albhamu entsha, bayaqhubeka nokukhuthaza abalandeli ngomculo wabo nothando lwabo olungantengantengi ngomsebenzi wabo omangalisayo.
Esithombeni esingenhla: I-BCUC
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe