Everson Luhanga
Bekucwebezela, kugcwele ukukhanya namaphupho afezeka kuma-South African Traditional Music Awards (i-SATMA) e-16. Umcimbi wokuhlonipha izihlabani zomculo wesintu ububanjelwe eMbombela, eMpumalanga, ngoMgqibelo ebusuku.
Njengoba osaziwayo abasezingeni eliphezulu abafana noKelly Khumalo, noVendaboy bebusise umcimbi, iNomtiti ithathe indondo yengoma yonyaka okwesine. Leli qembu lase-Mahikeng, e-North West, beliholwa abeluleki balo ababili nomholi weqembu uDisebo Mothusiemang.
“Sizizwa sihloniphekile ukuba lapha. Ukuhlonishwa ngokuqokwa kube ngaphezu kwempumelelo enkulu kithina. Ukuwina kuyibhonasi enkulu kithina futhi sibonga abalandeli bethu abasivotele ukuthi siphinde sibe ngabanqobi,” kusho. UDisebo.
Imiklomelo ihlose ukuhlanganisa izwe ngokuhlanganyela uthando lomculo wesintu namasiko. Cishe wonke amasiko aseNingizimu Afrika ayatshengiswa emcimbini eminingi.
Kule miklomelo kuphinde kube nenye into egqamile okuyizingubo ezinhle ezigqokwa yibo bonke abantu. UKelly Khumalo ujabulise izethameli ebusuku ngokucula izingoma zakhe ezimbili ezishisa izikhotha ezithi Empini nethi Esiphambanweni ayicula noHlengiwe.
Ekhuluma nabezindaba uZandile Ndzimande uthe i-SATMA izoqhubeka nokuhlonipha abantu abanamakhono emikhakheni eyahlukene.