Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Inhlangano yabashayeli iSA Drivers ixwayise izinkampani zamaloli ukuthi ziwasebenzisi amaloli ngomhlaka-5 kuMandulo kungenjalo, amaloli azoshiswa.
Isithangami samabhizinisi sikhala ngezinsongo futhi sithi leli qembu lifuna ukuphoqa izinkampani ukuthi zilinike imisebenzi ngodlame.
Amabhizinisi asendaweni yezimboni eGqeberha eMarkman ahlaselwa yiqembu elizibiza nge-SA Drivers.
Iqembu lisabisa ngokuvala umgwaqo u-Addo. Bafuna nokuthungela ngomlilo amaloli ashayelwa abokufika.
Amaphoyisa aziqinisekisile lezi zinsongo. Axwayisa ngokuthi noma ngubani osebenzisa udlame uzoboshwa.
Usihlalo weMarkman Business Forum uGraham Taylor uthe leli qembu alibakhathaleli ngempela abashayeli bamaloli bakwamanye amazwe. Bafuna ukuphoqa izinkampani ukuthi zibanikeze imisebenzi.
“Kuwukuqola,” kusho uTaylor. “Akunabulungiswa ukulwisa amabhizinisi akwaMarkman futhi akulungile ukusebenzisa udlame.”
UTaylor uthe osomabhizinisi bebelokhu bebikela amaphoyisa ngezinsongo kusukela ngoNtulikazi. Ngomhlaka-3 kuMandulo, umyalezo ka-WhatsApp ovela kwilungu leSA Drivers bewuthi”bakhathele yimihlangano” manje sebezoshisa amaloli.
Lesi sithangami siphinde sicele izinkantolo ukuthi zivimbe i-SA Drivers ekuphumeleliseni izinsongo zabo.
UTaylor uthe lesi sithangami sinikeze uhulumeni izindlela zokudala amathuba emisebenzi. Lokhu kubandakanya ukulungisa imigwaqo ephukile namabhuloho ka-Markman, ukuvula umgwaqo uNeptune nokusebenzisa umhlaba kamasipala kangcono.
Okhulumela amaphoyisa uKaputeni u-Andre Beetge uthe kunezinkampani eziningi zamaloli ezibike izinsongo.
“Badonswe ngendlebe ukuthi bangawasebenzisi amaloli abo ngomhlaka-5 kuMandulo, kungenjalo azomiswa ashiswe,” kusho uBeetge.
Ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe amacala wathi amaphoyisa azothathela izinyathelo noma ngubani olimaza impahla noma osabisa abasebenzi.
Abanikazi bamabhizinisi batshelwe ukuthi babike izinsongo emaphoyiseni.
Isithombe esingenhla: Iloli elashiswa ku-Addo Road ngoNtulikazi.
Umthombo wesithombe: Facebook
