
Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki
Kuthatha amabhasi angaphezu kuka-600, ngalinye elithwele abagibeli abangu-60, ukugcwalisa inkundla yezemidlalo i-Orlando e-Soweto ethatha abantu abangu-37 000.
Lokhu kuyiqiniso ngenselelo ebhekene nabagqugquzeli bomcimbi wokwethulwa komhlahlandlela woMkhonto Wesizwe (MK) Party ngoMgqibelo.
Phambilini, abalandeli be-MK eGoli bacele iqembu ukuthi liyise usomqulu wokhetho enkundleni yezemidlalo i-FNB ethatha abantu abangu-100 000.
Ukugcwalisa i-Calabash – inkundla ebibambe imicimbi yokuvula nokuvala yeNdebe yoMhlaba ye-Fifa yango-2010 – bekuzodinga amabhasi angaphezu kuka-1,600.
Iqembu le-MK likuqinisekisile ukuba khona komculi odume kakhulu uPapa Penny ukuze asize ekuheheni abantu base-Soweto naseGoli emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela walo.
UPapa Penny wesulile esikhundleni sokuba ikhansela le-ANC e-Giyani wamemezela ukuthi usejoyina iqembu likaZuma.
IPhini likaNobhala we-MK, u-Arthur Zwane kanye nomqoqi wezimali wesifundazwe saseGoli uGabisile Shongwe babe nomkhankaso we-blitz erenkeni lamatekisi i-Bree nakwezinye izingxenye zaseGoli ngoLwesithathu benxusa abantu ukuba beze uma kuzokwethulwa umqulu wabo wokhetho.
NgoLwesine, uZwane kanye nokhulumela uphiko lwentsha lwe-MK uNkateko Mkhabelo nabo bebekhankasa esikhungweni esikhulu seNyuvesi yase-Wits.
Uphiko lwentsha lwaleli qembu nalo luhlele imashi esuka eHector Pieterson Memorial e-Orlando West iye enkundleni yezemidlalo.
NgoLwesithathu, abadidiyeli be-MK esifundeni iMoses Mabhida bahlangane ndawonye ukuzodingida ngokulungela kweqembu ukwethula umqulu wokhetho. Kulindeleke ukuthi leli qembu ligibeze izinkulungwane zabalandeli abasuka KwaZulu-Natal ukuze basize ukugcwalisa inkundla.
NgoLwesibili, inqwaba yabalandeli be-MK baphinde baqhuba umkhankaso wendlu ngendlu e-Kliptown nase-Eldorado Park eGoli.
Iqembu lithe uZuma uzokwethula ezinye zezinsika ezibalulekile zeqembu: okuhlanganisa “ukubuyisela kanye nokuvuselela umnotho, ukubhekana nenkinga yokuntuleka kwemisebenzi, ukuthuthukisa ubulungiswa bezenhlalakahle, nokwenza iBhange lombuso likazwelonke, izimayini kanye nokwabiwa komhlaba”.
Amaqembu afana ne-ANC, i-EFF, i-IFP kanye ne-Patriotic Alliance muva nje adonsa abantu abaningi ukugcwalisa izinkundla zemidlalo ukuheha abavoti abangakacaci ukuthi baya ngaphi.
Esithombeni esingenhla: Amalungu e-MK ehlola inkundla yezemidlalo i-Orlando.
Umthombo wesithombe: X