Lubhalwe nguMichael Madyira
UCristiano Ronaldo ushaye amagoli amathathu ngesikhathi i-Al Nassr ishaya i-Abha Club okuyiqembu likaPitso Mosimane ngamagoli ayisishiyagalombili eqandeni enkundleni i-Prince Sultan bin Abdulaziz Sports City ngoLwesibili.
Lo mqeqeshi wakudala weMamelodi Sundowns uyaqala uthelwa ngehlazo lembudlu yamagoli ngale ndlela empilweni yakhe.
Konke lokhu kungumphumela owengeza usizi lukaMosimane njengoba elwela ukusindisa i-Abha ezembeni okubonakala lililengela.
URonaldo ushaye kuqala igoli kuseyimizuzu engu-11 ngaphambi kokuphinda kabili amaphuzu ngemuva kwemizuzu engu-10.
Sekusele imizuzu emithathu kuyiwe ekhefini, uRonaldo ushaye igoli lesithathu kwathi uSadio Mane naye washaya igoli emizuzwini engu-33.
U-Abdulmajeed Al Sulayhim ushaye igoli lesine evuna i-Al Nassr ngaphambi nje kokuthi kuyiwe ekhefini njengoba i-Abha inethuba elincane lokubuyela ekhaya.
U-Abdulrahman Ghareeb ushaye ngokushesha ngemuva kokuqala kabusha komdlalo u-Abdulaziz Al Elewai naye washaya elakhe.
I-Al Nassr ihlezi endaweni yesibili kwi-Saudi Pro League, ngamaphuzu angu-12 ngemuva kwe-Al Hilal.
Iqembu likaMosimane belingenaso isixazululo sokuvimba okwenzekile futhi likhokhe kakhulu ngokuhlala endaweni yesibili ukusuka emsileni njengoba kusasele imidlalo eyisishiyagalombili yeligi.
Lokhu kunzima kuMosimane oqembu lakhe eselidlale imidlalo kodwa lihluleka ukunqoba.
Emdlalweni wabo olandelayo, i-Abha uzobe isekhaya e-Al Fateh ngeSonto njengoba befuna ukululama ekuhlulweni kwabo ngoLwesibili.
Isithombe esingenhla: Umgadli we-Al Nassr uCristiano Ronaldo ejabula ngemuva kokushaya i-Abha Club.
Umthombo wesithombe: i-Al Nassr