Everson Luhanga
Ngenkathi amadoda amabili, ayegqoke kahle futhi ekhuluma kahle, engqongqoza emnyango wabo etshela lezi zelamani ezintathu ukuthi baqasha abantu azosebenza emakhishini ukuze basebenze ingunaphakade, umndeni wajabula kakhulu.
Kodwa uNtando, uHlengiwe noThembelihle Ngcobo, babengomunye wemindeni engaphezu kwengama-20 eseke yaba izisulu zaleli qembu elibizwa ngokuthi i-CV gang.
UThembelihle uthe ubesekhaya, endlini yomxhaso e-Braamfischerville e-Soweto, nomama wakhe ongasebenzi ngoMgqibelo ngesikhathi kungqongqoza amadoda amabili abeshayela i-Toyota Corolla endala emhlophe.
“Batshela mina nomama ukuthi kunethuba lomsebenzi e-Eastgate Mall lapho abafuna khona abantu abazokilina,” esho.
Amadoda ahloniphekile aze ahamba nalaba besifazane baya kwi-internet café eseduze beyogcwalisa ama-CV abo – kodwa ngenkathi sebebuya, i-Corolla endala ibingasabonakali. Imali engama-R50 ababeyishiye endlini nawo ubungasrkho kanye ne-plasma TV ibiyebiwe.
UNtando ufuna ukuba ngumhlengikazi, ngenkathi uHlengiwe yena efuna ukusebenza ku-IT kanti uThembelihle ufuna ukuba uthisha ngelinye ilanga. Kepha akekho noyedwa kubo okwazile ukuthola umsebenzi.
Yiwo kanye lo mzabalazo owenze iqembu lezigelekeqe ze-CV zilisebenzise kabi ngonya.
Esinye isisulu, u-Ivy Baloyi, uthe bantu abafanayo beza kwakhe bamtshela ukuthi bafuna abantu abangasebenzi.
Njengabanye, impahla yakhe yebiwe ngenkathi ese-internet café, enethemba lokuthi umsebenzi ozomkhokhela kahle ususondele.
“Ngenkathi ngibuya, umabonakude wawungasekho endlini yami. Omakhelwane babecabanga ukuthi ngibathengisele umabonakude wami.”
Ikomidi lesigceme kanye noMphathi Wezokuphepha uJoel Mabaso bathe ingaphezulu kwengama-20 imindeni ebanjwe inkunzi ngendlela efanayo.
Okhulumela amaphoyisa uKay Mkhuseli uthe amaphoyisa aphenya amacala okwebiwa ezindlini.