Iqembu leVodacom Bulls liqoqe yonke imiklomelo

Timmy T Maranda

Iqembu leVodacom Bulls liqoqe yonke imiklomelo kuma-South Africa Rugby Awards angesizini yangowe-2020 ngoLwesine ebusuku.

Leli qembu lasePitoli lihlule iSpringbok Sevens kanye neCell C Sharks ukuwina i-Team of the Year Award, ngemuva kokudla izicoco ezimbili zasekhaya: i-Carling Currie Cup (okokuqala ngqa kusukela ngowe-2009) kanye nesicoco se- Super Rugby Unlocked.

UMqondisi webhola lombhoxo uJake White, onconywa ngokuguqula amaBulls, uwine umklomelo wokuba Umqeqeshi Wonyaka ngokuhola amaBulls kulokhu kunqoba, nokwenza inkundla i-Loftus Versfeld ibe yinqaba yalokhu.

Akumangazanga ukuthi ukapteni uDuene Vermeulen, ohole iVodacom Bulls yawina izicoco ezimbili ngaphansi kwakhe njengokaputeni, ucishe wagoduka nayo yonke imiklomelo yomuntu ngamunye ebusuku.

Lo mdlali ogqoka unombolo 8 odlalela amaBhokobhoko uwine imklomelo emkhulu kunayo yonke ebusuku, okuyi-SA Rugby Player of the Year, i-Super Rugby Unlocked kanye ne-Vodacom Super Rugby Player of the Year.

UKaputeni wamaBulls uphuthwe ngumklomelo we-Carling Currie Cup Player of the Year, onqotshwe nguCornal Hendricks, kwathi uWandisile Simelane wahlabana nge-Young Player of the Year.

UMengameli weSaru uMark Alexander ubongele bonke abawine imiklomelo, futhi wakhuluma ngokukhethekile ngoJake White, uDuane Vermeulen kanye ne-Vodacom Bulls ngesizini enhle.

“Ngithanda ukuhalalisela uJake neVodacom Bulls ngesizini yabo, kodwa futhi kumele ngihalalise bonke abanye abadlali abasebenze ngokuzikhandla ngaphansi kwalezi zimo ukuqinisekisa ukuthi sinemdlalo yombhoxo yendawo ngowe-2020,” kusho u-Alexander.

Ubuye wengeza wathi: “Bekuyisizini enzima kodwa uDuane Vermeulen ubezimisele kakhulu – hhayi kuphela enkundleni yokudlala kodwa nangaphandle kwenkundla, ubehola iqembu lakhe ngokuthokoza.”

Bonke abaphumelele ku-SA Rugby Awards:

● Rugby Player of the Year: Duane Vermeulen

● SA Rugby Young Player of the Year: Wandisile Simelane

● Springbok Sevens Player of the Year: Stedman Gans

● Team of the Year: Vodacom Bulls

● Coach of the Year: Jake White

● Vodacom Super Rugby and Unlocked Player of Year: Duane Vermeulen

● Carling Currie Cup Player of the Year: Cornal Hendricks

● OUTsurance Referee of the Year: Jaco Peyper