Iqembu leMamelodi Sundowns Ladies likwenze konke ukuvikela isicoco sayo

Timmy T Maranda

Iqembu leMamelodi Sundowns Ladies, liqale kahle umjaho walo wesicoco kulandela ukuwina ngo 4-0 ngesikhathi idlala neGolden Ladies FC ngoMgqibelo e-Groenkloof Stadium, ePitoli.

Amagoli kaMorifi Chuene, uLehlogonolo Mashigo namabili okuqinisa iqembu ashawe nguBongiwe Thusi, aqinisekise ukunqoba kwabo kumdlalo wokuvula isizini.

Ukunqoba kweDowns ngesikhathi bebhekene neGolden Ladies kuyibeke endaweni yesibili etafuleni belandela iqembu elincintisana okokuqala ngqa kulesi sicoco iJVW FC, ngemuva kokunqoba kwabo bebhekene neqembu iMa-Indies e-Thohoyandou Stadium.

Ngonyaka owedlule, ompetha abavikela isicoco njengamanje bayihlwitha i-SAFA Women’s National League, ngaphandle kokubhekana nokuhlulwa ngesizini ephazanyiswe yi-Covid-19.

Umqeqeshi weSundowns uJerry Tshabalala, uzwakalise injabulo yakhe ngokudlala kahle kweqembu nangokuwina kodwa ukhala ngokungenzi kahle kweqembu lakhe phambi kwamapali.

“Ngiwajabulele amaphuzu amathathu kodwa angijabule kahle, ngikhathazekile ukuthi siphuthelwa amathuba amaningi futhi sidinga ukusebenza kanzima enkundleni,” kusho uTshabalala.

“Angifuni ukufaka ingcindezi emantombazaneni ami ngoba wumdlalo wethu wokuqala lo, kodwa wumsebenzi oqhubekayo, futhi sizoziqeqesha siwenze,” kuqhuba lo mqeqeshi.

Uphethe ngokuthi, “Ngicabanga ukuthi amaphuzu awakhombisi isithombe esifanele ngomdlalo, bekufanele sishaye amagoli ayi-10. Ngijabule nokuthi asizange sidedele nelilodwa igoli.”

Emdlalweni wabo olandelayo, iMamelodi Sundowns Ladies FC izobhekana neDurban Ladies ngoMgqibelo e-Princess Magogo Stadium, Kwamashu, umdlalo uzoqala ngo-15h00.

Eminye imiphumela ye-SWNL:

Ma-Indies 1-5 JVW FC

Richmond United 3-6 First Touch FC

Tsunami Queens FC 4-1 Yamalahle City Wizards

TUT Football Club 2-2 UWC FC

University of UJ 1-1 Bloemfontein Celtic FC

Thunderbirds Ladies 2-0 Durban Ladies FC

Umthombo wevidiyo: @MamelodiSundownsladies

Izihloko zakamuva