Menzi Magubane
I-England neNingizimu Afrika kulindeleke ukuthi bathumele amaqembu azobamba iqhaza kumaCommonwealth Games walonyaka eBirmingham.
Phakathi kwamaqembu azobamba iqhaza kule midlalo ezoqala ngomhlaka-24 kuNtulikazi ize iphele ngomhlaka-8 kuNcwaba kukhona i-Spar Proteas okuyiqembu lakuleli lesizwe lebhola lomnqakiswano.
Imidlalo edlule ebibanjelwe e-Australia ngonyaka ka-2018, ama-Proteas aqeda endaweni yesihlanu.
INingizimu Afrika emlandweni weminyaka emihlanu walo mqhudelwano, ayikaze iwine ngisho indondo, ingasaphathwa eyokuphuma njengabantu abawinile.
Okunye mancane amathuba okuthi benze okuhlukile kulo nyaka ngaphandle uma bengakhuphula amasokisi.
Kungenzeka ukuthi inyanga kaNtulikazi kusasele izinyanga eziyisithupha ukuthi ifike, futhi kulindeleke ukuthi kushintshe okuningi ngaphambi kwalokho, Kodwa ngivele ngalahla ithemba ngesikhathi ngibuka imidlalo yabo emibili yokugcina ku-Netball Quad yochungechunge e-England ngempelasonto.
Uchungechunge lwemidlalo ye-quad lwaqala ukudlalwa ngonyaka ka-2016 kukhona i-Australia, i-New Zealand, i-England kanye neNingizimu Afrika njengamaqembu abamba iqhaza. Indlela ebekwenziwa ngayo isafana futhi ama-Proteas awakaze aqede engaphezulu endaweni yesine, okuyindawo yokugcina.
Akubukeki sengathi izinto zizoshintsha. NgoMgqibelo ihlulwe kanzima ibhekene ne-England, ebashaye ngo-71-47.
Bekubuhlungu ukubuka kodwa belisekhona ithemba lokuthi bangabuyisa isithunzi sabo ngeSonto emdlalweni wabo ne-Australia.
Kodwa akubanga njalo. Uhlangothi oluhamba phambili emhlabeni aluzange lubaxolele. I-Australia ishaye ama-Proteas ngo-60-40.
La maqembu womabili abambene ngezihluthu izikhathi ezingu-39 ngaphambi komdlalo wangeSonto kanti iNingizimu Afrika ayikaze inqobe uma ibhekene nama-Aussies, okuyibona abalindeleke ukuthi banqobe uchungechunge lama-Quad akulonyaka.
Ama-Proteas, ahleli endaweni yesihlanu kwi-World Netball rankings, azobhekana nompetha bomhlaba i-New Zealand ngoLwesibili emdlalweni wabo wokugcina we-round robin.
Umthombo wesithombe:@Netball_SA