Iqembu lebhola linqanda intsha yaseKapa empilweni yobugebengu

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

USello Mangwana, usihlalo weqembu lebhola lezinyawo i-Moonwood United, uthi lo mdlalo ugcina abafana nezinsizwa eziningi ekutheni zingangeni enkingeni elokishini laseKapa i-Philippi Browns Farm eligcwele ubugebengu.

“Iqembu laqalwa ngothile futhi lase lizohlakazwa ngenxa yokushoda kwezinsiza nokusekelwa,” kusho uMangwana etshela i-Scrolla.Africa. 

Wabizwa ukuzotakula iqembu ngo-2015 futhi kusukela lapho, nakuba beswele izinsiza, baningi abadlali abancane abajoyinile. Iqembu kumanje selinamalungu angu-56.

“Ngiyazi ukuthi bayalithanda ibhola futhi beze kulo mdlalo ukuzoziqhelelanisa ekujoyineni amaqembu ezigebengu,” usho kanje.

Indawo yase-Philippi Browns Farm yaziwa ngezinga eliphezulu lobugebengu, okuhlanganisa nokudunwa kwezimoto.

UMangwana wabona ithalente endaweni wafuna ukuhlenga abantwana ekuchitheni ikusasa labo. 

UMangwana ubonga kakhulu kwabe-Score ngeminikelo yabo. 

“Ukuthola ikhithi kwabe-Score kusho lukhulu ngoba kukhombisa abadlali bethu ukuthi siyazama.  Ngaphandle kokwesekwa izingane zingayeka bese ziphendukela ebugebengwini,” usho kanje. 

Iqembu lisadinga olunye usizo lokuthenga izicathulo zebhola njengoba iningi labadlali liphuma emindenini entulayo.

UKatleho Moses (24), ongumdlali uthe: “Ukujoyina eqenjini kusindise impilo yami. Kwangenza ngaba umuntu ongcono futhi kwangigcina ngikude nokwenza izinto ezibhedayo. Ngiyethemba ukuthi sizothola ukwesekwa okwengeziwe ukuze nabanye bakwazi ukujoyina.”

Umzali wase-Philippi Browns Farm uZolile Tebeka unethemba lokuthi iqembu lizothola abaxhasi abaningi. 

“Sihlala endaweni eyingozi. Ukubona izingane zizodlala ibhola kusinika ithemba ukuthi ngeke zingene ebugebengwini,” usho kanje.

Esithombeni ngenhla: Iqembu lebhola lezinyawo i-Moonwood United libonga i-Score ngokunikela ngekhithi. 

Umthombo: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva