Iqembu lebhola laseNingizimu Afrika lihluliwe kuma-Olimpiki ase-Tokyo

Dylan Bettencourt

Ngesikhathi kwengezwa isikhathi somdlalo amaqembu abenamaphuzu alanginayo ngo-3-3, kodwa igoli elishaywe ngemuva kwemizuzu emithathu sekwengezwe isikhathi linikeze i-France ukunqoba, okuqede iphupho leqembu lebhola lezinyawo laseNingizimu Afrika.

Iqembu laseNingizimu Afrika lidlale ibhola eliyisimanga kukho konke ukuhlangana, kodwa bekunganele ukuthola amaphuzu amathathu.

Iqembu likaDavid Notoane lidlale ngokugqamile, ngesikhathi lihola ezikhathini ezintathu ezihlukene kodwa lahluleka ukuhola phambili ngamaphuzu okwenze iphupho labo lashabalala.

Ukugejwa kwephenathi kwisigamu sokuqala nguLuther Singh kufakele iqembu incindezi.

Abangekho amaphuzu esiwombeni sokuqala, kodwa ukushawa kwamagoli kulandelana esiwombeni sesibili kujabulise amaqembu. UKobamelo Kodisang no-Evidence Mokgopa bobabili bashaye igoli baphinde basizana. UTeboho Mokoena ushaye igoli elihle kakhulu.

Kodwa amagoli ashaywe ngokulandelana ngu-Andre-Pierre Gignac abuyise i-France kulo mdlalo futhi igoli lesine labanika amaphuzu abo okuqala amathathu kulo mqhudelwano.

INingizimu Afrika ingaziqhenya njengeqembu elidlale kahle kakhulu libhekene neqembu lase-France elihamba phambili yize ihluliwe.

Iqembu likaNotoane lizodlala umdlalo wabo wokugcina ne-Mexico ngoLwesithathu ngo-11: 30 ekuseni emdlalweni lapho iNingizimu Afrika izobe idlalela khona ukuthola ukuziqhenya ngemuva kokuphuma kabuhlungu ngeSonto ekuseni.

Umthombo wesithombe: @King_Fut

Izihloko zakamuva