Iqembu lebhola lase-New Zealand selishiye phansi igama abadume ngalo

Dylan Bettencourt

Iqembu lebhola lase-New Zealand lifisa ukulahla igama abadume ngalo elithi-All White njengengxenye yentshisekelo.

Iqembu lebhola lombhoxo elibizwa ngama-All Black ngenxa yokuthi bagqoka ijezi elimyama, kanjalo neqembu lebhola igama labo eladuma ngokugqoka amajezi amhlophe kuyabuyekezwa ukuthi akucwasi yini ngokobuhlanga ngokusho komsakazi wase-New Zealand.

Inhlangano yebhola yase-New Zealand ayizange iphawule ngegama labo lesidlaliso, kodwa bathe basalungiselela noma bafuna izindlela ezihlanganisa amasiko.

“Sisezinhlelweni zokusebenzisana nababamba iqhaza kanye nabantu abangabalandeli bebhola, sibheka zonke izindlela zenhlangano ukuze sibe nesiqiniseko ukuthi bazilindele izinjongo zethu zakulonyaka neminye iminyaka ezayo” basho njalo.

Leli gama lesidlaliso laqala ukusetshenziswa ngonyaka wezi-1982 ngenkathi iqembu liphumelela ukungena kwi-FIFA-World Cup ngowezi-1982. Leli gama liqhamuke ngejezi abaligqokayo – okuyinto ejwayelekile kwibhola lombhoxo.

La maqembu amabili akusiwo wodwa aseke adlula kule nkinga. Ama-White Ferns iqembu lekhilikithi yabantu besifazane, kube i-Black Capes iqembu labantu besilisa lekhilikithi kanye namaqembu amabili e-hockey nawo ayahlolisiswa.

Umsakazi wezemidlalo uJason Pine ubhale ku-Tweeter wathi: “lokhu kuwumsangano. Igama elithi-All White balinikwa abalandeli bebuka indlela abagqoka ngayo ijezi elimhlophe njenge-Boston Red Sox babegqoka amasokisi abomvu. Iqembu le-All White bagqoka amajezi amhlophe kuphela”. 

Umthombo wesithombe: @France24

Izihloko zakamuva