Iqembu lebhola labesifazane lase-Afghanistan libalekile e-Taliban

Dylan Bettencourt

Iqembu lesizwe labesifazane lebhola lezinyawo lase-Afghanistan beliyingxenye yeqembu labantu abangaphezu kwabangama-75 abashiye leliyazwe elinezinkinga ngendiza ebheke e-Australia ngoLwesithathu.

I-FIFPro (i-Fédération Internationale des Associations de Footballeurs Professionnels), emele abadlali bebhola abangochwepheshe emhlabeni jikelele, ibizama ngamandla ukuthola isiphephelo sabasubathi besifazane.

Ukulandela ukuthunjwa kwenhlokodolobha yase-Afghanistan i-Kabul yi-Taliban, ikusasa lezemidlalo labesifazane lilengela eweni.

“Siyabonga kuhulumeni wase-Australia ngokukhoselisa inqwaba yabesifazane bebhola lezinyawo nabasubathi base-Afghanistan,” kusho i-FIFPro esitatimendeni.

“Abesifazane abasebancane, abangabasubathi nezishoshovu, bebesengozini futhi egameni lontanga yabo emhlabeni jikelele sibonga umphakathi wamazwe omhlaba ngokubasiza”.

Ezehlakalweni zangaphambilini ngenkathi i-Taliban iphethe kusukela ngowe-1996 kuya kowezi-2001, abesifazane bavinjelwa ukuthi babambe iqhaza emisebenzini eminingi yezenhlalo, kubandakanya nemidlalo.

Ngemuva kokuthi i-Taliban isuswe emandleni, abesifazane ababencintisana kwezemidlalo baba wuphawu lokudelela inhlangano engenazinzo.

Ngenkathi iqembu elinenkani liphinde lilawula kule nyanga, ababengabasubathi besifazane e-Afghanistan bakhuthaze labo abakhona manje ukuthi basuse noma yikuphi okubhalwe ezinkundleni zokuxhumana okungakhombisa ukuthi bayingxenye yeqembu lezemidlalo. Bebesaba ukuthi i-Taliban ingahle ibajezise ngokuzibandakanya kwezemidlalo.

UNobhala-jikelele we-FIFPro, uMnu Jonas Baer-Hoffmann, uthe uhlelo lokuthuthwa kwabantu lube nzima.

“Kube yinqubo eyinkimbinkimbi ngendlela eyisimanga ukuthi wonke umuntu othintekayo ahambe. Sizwelana nabo bonke abanye abasele dengwane ezweni bengafuni”.

Yize bekungekho lutho oluvela ku-Taliban ngekusasa lezemidlalo yabesifazane, abasubathi besifazane bayaqhubeka nokusabela izimpilo zabo.

Umthombo wesithombe: @SkySports

Izihloko zakamuva