
Dylan Bettencourt
Iqembu lebhola labesifazane laseNingizimu Afrika i-Banyana Banyana liqhathwe eqoqweni elifanayo nelase-Nigeria kwi-Women’s Africa Cup of Nation (i-Awcon) okuyimpinda yomdlalo wamanqamu wangonyaka ka-2018.
Lokhu kuqhathwa kubeke iBanyana Banyana neqembu eliyihlule ngamagoli amane kwamathathu sekukhahlelwa amaphenalthi emdlalweni wokugcina womqhudelwano.
Uhlelo lwamaqembu angu-14 lwe-Awcon luzoba se-Morocco kusukela mhla zimbili kuNtulilazi lugcine ngomhlaka-23 kuNtulikazi.
INingizimu Afrika ayikakawunqobi umdlalo wase-Afrika futhi ukufinyelela kowamanqamu e-Ghana eminyakeni emine edlule kunikeze iBanyana ithuba elihle lokuqopha umlando.
Nokho-ke kwakungahlosiwe ukuthi iNingizimu Afrika ihlulwe kabuhlungu ezandleni zabasentshonalanga ne-Afrika.
Manje eminyakeni emine edlule iBanyana Banyana ethuthuke kakhulu izobe ikhona ukuze iveze ukuthi isithuthuke kangakanani kusukela kulowo mdlalo wamanqamu.
I-Awcon ayibalulekile nje kuphela njengoba iyithuba lokuphakamisa indebe yezwekazi, kodwa abane abangene kowandulela owamanqamu bazibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2023.
I-Awcon yahlelelwa ukuthi yenzeke njalo eminyakeni emibili, kodwa uhlelo luka-2020 lwakhanselwa ngenxa yemikhawulo ye-Covid-19.
Umqhudelwano walo nyaka uzoba owokuqala ukuthi udlulele emaqenjini ayishumi nambili kusukela kwakusetshenziswe amaqembu ayisishiyagalombili phambilini.
Nakuba iNingizimu Afrika isithuthuke kusukela kowamanqamu ngo-2018 i-Nigeria isalokhu iyizidlamlilo zomdlalo wabesifazane.
I-Nigeria isawine imiqhudelwano emithathu yangaphambilini ye-Awon kanye nokuba ngompetha amahlandla ayisishiyagalolunye.
Kuzophinde kube yibo kuphela iqembu eliphakamise indebe kulo mqhudelwano. IBanyana izobe inethemba lokukushintsha lokho e-Morocco uma sekuqala lo mqhudelwano ngoNtulikazi.
INingizimu Afrika ibekwe endaweni yesithathu kwabesifazane e-Afrika ilandela i-Cameroon nabaholi base-Nigeria.
Ukuqhathwa kwamaqembu e-Africa Cup of Nations ka-2022 kumi kanje:
U-group A: kukhona i-Morocco, i-Burkina Faso, i-Senegal ne-Uganda
U-group B: kukhona i-Cameroon, i-Zambia, i-Tunisia kanye ne-Togo
U-group C: kukhona i-Nigeria, i-South Africa, i-Burundi kanye ne-Botswana
Umthombo wesithombe:@Goal