Iqembu le-Taliban livimbela abantu besifazane ukuba bangenele imincintiswano yezemidlalo

Dylan Bettencourt

Uhulumeni weqembu le-Taliban elisanda kungena ezweni lase-Afghanistan usememezele ukuthi abesifazane angeke besavumeleka ukungenela ezemidlalo.

Iphini lenhloko elikwikhomishini yamasiko e-Taliban u-Ahmadullah Wasiq ukhulume nabasakazi base-Australia i-SBS, waveza ukuthi ukuzibandakanya kwabesifazane emdlalweni akunamsebenzi.

“Angiboni ukuthi abantu besifazane bazovunyelwa ukudlala umdlalo wekhilikithi ngoba awunasidingo” kusho uWasig.

“Bazoba sesimeni lapho ubuso nomzimba wabo uzovela ngesikhathi bedlala. Usiko lama-Islam alikuvumeli ukuthi abantu besifazane baveze imzimba kanye nobuso babo.”

Njengoba iqembu lepolitiki elikholelwa kakhulu kwinkolo seliphethe izwe lase-Afghanistan, iqembu le-Taliban lathembisa abantu besifazane ukuba bazovunyelwa ukuyosebenza, nokuya esikoleni, kanye nokungenela imidlalo, kodwa lokho babehubhuza amanga.

Ukuphathwa okusha akubafaki abantu besifazane ezinhlelweni zalabo  abaqokelwe ukuphatha kabusha.

Abasubathi besifazane abasemazweni bacashile, besaba ukuthi bazothola isijeziso uma ngabe bezibandakanya nezemidlalo. 

Abesifazane abaningi abase-Afghanistan sebebike ukuthi sebethole ukusatshiswa okunodlame besatshiswa i-Taliban uma ngabe bezibandakanya nezemidlalo. 

Ngemuva kokuba i-Taliban iphume esikhundleni ngonyaka wezi-2001 abesifazane baqala bangenela ezemidlalo baphula umthetho we-Taliban, kodwa abaningi abamele isizwe sebebalekile esizweni sabo. Ikusasa labantu besifazane e-Afighanistan lisengcupheni njengoba abanye abasubathi benethemba lokungenela imincintiswano uma bengakwazi ukucasha kwamanye amazwe.

Oqhamuka ezweni lase-Afghanistan ophinde abe ngumdlali oqeqeshiwe uNadia Nadim ubengalilindele iqembu le-Taliban ukuba ligcine izithembiso zabo abazenze kubantu besifazane ngokuthi bazobavumela ukungenela imincintiswano yezemidlalo. Ukucabanga kwakhe kwavele kwenzeka njengokusho kwakhe.

Esinye isizwe esingabavumeli abantu besifazane ukuba badlale imidlalo esase-Saudi Arabia.

Isizwe i-Saudi Arabia sathumela abantu besifazane ukuba bayongenela kuma-Olimpiki esikhathini esedlule ngemuva kokusatshiswa ukuba bazokhishwa ikhomishini kazwelonke yama-olimpiki (i-IOC) uma bengabalethi abasubathi besifazane kwimidlalo.

Umthombo wesithombe: @DailySabah

Izihloko zakamuva