Iqembu le-NFP lithi sekuyisikhathi sokuba iqembu le-ANC libaseke njengoba nabo benza

Celani Sikhakhane

Ngabe iqembu elibusayo elasungulwa nguNelson Mandela, u-Albert Luthuli kanye no-Oliver Tambo selifike lapha? 

Eminyakeni eyisihlanu eyedlule, iqembu le-National Freedom Party(i-NFP) lakhankasela i-ANC eZuluLand ngesikhathi kuvotelwa uhulumeni wendawo ngemuva kokuba baphuthelwe ngumnqamulajuqu wokukhokha idiphozithi kuNgqongqoshe yokungenela ukhetho lohulumeni bendawo.

Njengamanje abaholi be-NFP endaweni yaseZululand bakholelwa ukuthi sekuyisikhathi sokuthi iqembu le-ANC libaseke nabo.

Bathi leli qembu elibusayo kumele libakhankasele nabo njengoba bakwenza nakubo.

Ngenxa yokuba nezinkinga zemali, iqembu le-ANC lihlulekile ukuhambisa uhlu lwamagama abantu ngesikhathi ebesiqokiwe, abazongenela ukhetho lohulumeni bendawo kwiwadi-19 eZululand.

Indawo yaseZululand ingomunye womasipala kwabangama-35 lapho iqembu le-ANC lehlulekile ukuhambisa uhlu lwamagama abantu ngesikhathi ebesiqokiwe, ngemuva kokuba khona kombhikisho wabasebenzi abangakhokhelwanga izinyanga ezintathu zilandelana.

Oweqembu le-NFP uSphamandla Ntombela waseZululand uthe angeke bakubungazele osekwenzekile, kodwa lokhu bakuthatha njengecebo likaNkulunkulu lokufuna iqembu le-ANC likwazi ukufunda ukuzithoba.

“Ngonyaka wezi-2016 sathatha isinqumo sokuba siligwinye lishisa sakhankasela iqembu le-ANC. Senza isinqumo nabaholi be-ANC ukuba sizobalethela amavoti amaningi endaweni yaseZululand inqobo nje mabengasinika izihlalo ezimbili kumasipala” kusho uNtombela etshela i-Scrolla.Africa.

Okubuhlungu uNtombela uthe ngemuva kokuvota iqembu le-ANC alizange ligcine isivumelwano.

“Abaholi be-ANC bashintsha umnqondo wabo, uNomsa Dube wasitshela ukuthi kumele sibe ngamalungu e-ANC ukuze sithole izihlalo kumasipala waseZululand” kusho uNtombela.

“Sabanikeza amavoti aseZululand kanye namavoti eqembu le-IFP, kodwa bathatha isinqumo sokuba basijikele. Esikufunayo kulokhu ukuthi baseseke baphinde basikhankasele njengeqembu le-NFP”.

UNhlakanipho Ntombela weqembu le-ANC uthe akukabi isikhathi sokuthi i-NFP isingakhuluma ngalento ngoba inkantolo yomthethosisekelo ayikakasikhiphi isinqumo sosuku lokuvota.

“Okokuqala abakaze beze kuthina ukuba sikhulume ngalento, angeke sizihluphe ngayo. Silinde isinqumo sasenkantolo yomthethosisekelo ukuba kuzokwenzakalani, niphinde nikhumbule ukuthi kuzokwenzakalani ngokulandelayo” kusho uNtombela.

Izihloko zakamuva