Celani Sikhakhane
Ukuthandwa kwalowo owayenguMengameli uJacob Zuma akwanele ukunika iqembu le-Inkatha Freedom Party ubuthongo ngokuthola amavoti baphathe indawo yangakubo eNkandla.
Iqembu le-IFP seliphathe indawo yaseNkandla iminyaka engama-20 futhi abaholi balo bakholelwa ukuthi lolu khetho oluzayo luzokhombisa ukuthi eNkandla iyona ndawo ewumgogodla wabo.
UMnumzane uZuma uzame amahlandla amaningi eminyakeni edlule ukusebenzisa noma iyiphi indlela ukuze asize iqembu le-ANC ukuthi liwine indawo yaseNkandla, kodwa akukaze kwamusebenzela lokho. Ubehlezi enikeza abantu izipho zikaKhisimusi njalo ngoZibandlela endaweni yaseNkandla lapho abantu babefika ngobuningi babo.
Kodwa uma sekuyisikhathi sokhetho bavotela iqembu le-IFP.
Okhethweni lohulumeni bendawo lwangonyaka wezi-2011, iqembu le-ANC lakwazi ukunqoba ukhetho lomasipala wendawo ngokubambisana neqembu le-NFP, okuyiqembu elaphuma eqenjini le-IFP lasungula iqembu lalo.
Ukubambisana kwabo akubanga isikhathi eside, ngemuva kwalokho kwasuswa imeya uZandile uMncadi Mpanza ngevoti lokungathenjwa.
UMengameli we-IFP uVelenkosini Hlabisa utshele i-Scrolla Africa ukuthi ukuba khona kukaZuma akuselona usongo eqenjini le-IFP.
“Njengeqembu le-IFP sisebenze kanzima ukukhombisa abahlali baseNkandla, kanye noZuma, ukuthi bangathembela eqenjini lethu. Noma kungathiwa uZuma uyathandwa noma cha, lokho akusikhathazi ngoba sesikwazile ukuwina ukhetho lohulumeni eNkandla iminyaka engama-20,” kusho uhlabisa.
Iqembu le-ANC selizame kaningi ukusebenzisa izinsizakusebenza zabo ukuze bakwazi ukunqoba iNkandla, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Ngonyaka wezi-2015 baphakamisa ukuhlakaza umasipala waseNkandla ukuze uhlanganiswe nomasipala waseMhlathuze ngenhloso yokuthi kube iwona umasipala omkhulu wedolobha elikhulu. Kodwa uNgqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu uPravin Gordhan wasinqaba isiphakamiso sabo.
Ngonyaka wezi-2016 uDavid Everat oqhamuka enyuvesi yase-Wits washicilela ucwaningo olukhombisa ukuthi amaphutha kaZuma yiwona aholela ekutheni iqembu lilahlekelwe amavoti eNkandla.