Iqembu le-Mercedes Formula One linengcindezi yokuqeda isivumelwano sabo soxhaso ne-Kingspan

Dylan Bettencourt

Iqembu le-Mercedes-AMG Petronas Formula One lingaphansi kwengcindezi yokuqeda isivumelwano soxhaso ne-Kingspan.

I-Kingspan inkampani ekhiqize isivikelo esibe nomthelela emlilweni we-Grenfell Tower e-Kensington, e-England.

Ngonyaka wezi-2017, lesi sakhiwo savutha umlilo lapho abantu abangama-74 balahlekelwa izimpilo zabo kwathi cishe amakhaya ayi-150 acekeleka phansi endaweni eyahlaselwa umlilo omubi kunawo wonke emhlabeni kusukela ngempi yezwe yesibili.

Inkampani ye-Kingspan isolwa ngokuba nesandla esikhulu emlilweni ngesikhathi kuqhubeka uphenyo eminyakeni emine edlule.

Unobhala wezindlu uMichael Gove uthe imindeni ehlukumezekile ngesikhathi sesigameko inelungelo lokudinwa ngesinqumo sethimba.

UGove uthe kunemibuzo mayelana nokuthi umhlanganyeli obambe iqhaza ocwaningweni lokuthi abantu abangama-72 balahlekelwe kanjani izimpilo zabo futhi kuza kanjani ukuthi akhangise imikhiqizo yabo esidlangalaleni kwizigidi zabantu.

Uphenyo luthole ukuthi izenzo ze-Kingspan zibe “ nomthelela ezingeni lokubhebhetheka kwelangabi lomlilo.”

I-Grenfell United, emele imindeni nabasinda kulesi sigameko, ibhalele umphathi weqembu uToto Wolff, ngoLwesine.

“I-Kingspan yaba neqhaza elikhulu ekubangeleni ubuhlungu nokuhlupheka esikuzwayo namuhla,” kufundeka incwadi.

Uphenyo ngale nhlekelele luqhubekile nokukhombisa ukuthi naphezu kobufakazi obubonisa ukuthi izinsimbi zabo ze-foam board zasha “njenge-inferno evuthayo,” inkampani iqhubekile nokuthengisa umkhiqizo yawo.

Ephendula incwadi, uWolff uxolisile ngokulimala kwemindeni ngesikhathi sesigameko.

“Ngaphambi kokuphothula ubambiswano lwethu, sihlanganyele ne-Kingspan ngokujulile ukuze siqonde ukuthi iyiphi indima edlalwa imikhiqizo yabo kulokho okwenzeka e-Grenfell,” kusho uWolf esitatimendeni.

Nokho i-Grenfell United ayizange ijabule ngempendulo abayitholile kumphathi wethimba, njengoba uphenyo selukhombisile ukuthi i-Kingspan yaba nesandla ekudaleni noma ekuqhubekeni komlilo.

“Siyawuthokozela umzamo wokuqonda izenzo ze-Kingspan e-Grenfell, futhi sinethemba lokuthi njengoba nifuna ukwazi mayelana nokubandakanyeka kweKingspan, kuyafana nokuthi sibacela ukuba bazenzele bona ucwaningo; ngento eyaholela kwisigameko sase-Grenfell,” kuphendula i-Grenfell United.

Umthombo wesithombe: @TheTimes

Izihloko zakamuva