Iqembu le-IFP KwaZulu-Natali libhekene nenkinga yombango wezikhundla

Celani Sikhakhane

I-IFP ibhekene nengwadla komasipala abathile ngenxa yombango wezikhundla zobumeya, okuphoqe imikhandlu eminingi ukuthi ihlehlise ukufungiswa kwabathile abazoyimela.

EMsinga umhlangano womkhandlu kudingeke ukuthi umiswe emuva kokuqubuka kwempi phakathi kwamakhansela e-IFP.

Elinye lamakhansela obekumele lifungiswe, udokotela uMyeza, uthe ukube bekungezona izingxabano ze-IFP amakhansela ngabe asewuqalile umsebenzi wokusebenzela imiphakathi yawo.

“Lokhu akwenzeki kumasipala waseMsinga kuphela, kodwa nakwabanye omasipala esibawinile, sitshelwe ukuthi kukhona abaholi abathile eqenjini abazama ukufaka izintandokazi zabo njengezimeya,” usho kanje.

UMsinga sekuneminyaka eminingi uyisizinda se-IFP. Lokhu kubonakale ngonyaka wezi-2006 ngesikhathi i-IFP ilahlekelwa omasipala abaningi ishaywa yi-ANC, kodwa yawugcina uMsinga.

Ngaphandle kwaseMsinga, kumasipala wasoPhongolo leli qembu liphinde labhekana noqhekeko ngodaba lwezimeya.

I-IFP iphume njengeqembu elidle umhlanganiso okhethweni lohulumeni basekhaya olusanda kwenziwa KwaZulu-Natali.

Ikwazile ukuzuza omasipala nezifunda eziningi ezibalulekile ze-ANC. Kuphinde kube yintandokazi ukukhetha ukuhola omasipala abaningi ngomfelandawonye we-EFF, i-NPA, i-Apemo kanye ne-DA.

Umthombo udalule ukuthi abaholi baleli qembu bebehlangene eThekwini ukudingida udaba lokufakwa kwezimeya.

Izihloko zakamuva