Iqembu le-EFF selimise ukufungiswa kwamakhansela alo ngenxa yezingxabano

Moyahabo Mabeba

Iqembu le-Economic Freedom Fighters (i-EFF) endaweni yaseKhukhune, e-Limpopo lifunge lagomela ukuthi lisazoqhubeka nokuphazamisa ukufungiswa kwamakhansela kubo bonke omasipala abane bendawo.

NgoMsombuluko, amalungu e-EFF e-Moutse avimbe amakhansela afuna ukuhambela umhlangano wokucobelelana ngolwazi kumasipala i-Ephraim Mogale.

Ukuphazamiseka kuqhubekile kumasipala wase-Makhuduthamaga, owase-Elias Motswaledi kanye nowase-Fetakgomo-Tubatse ngoLwesibili.

Lokhu kulandela izinsolo ezisabalele zokuthi kukhethwe izihlobo njengoba amagatsha esola ubuholi besifundazwe ngokufaka abantu abangekho ohlwini lweqembu njengoba kuyiwa okhethweni lohulumeni bendawo.

Leli qembu lisolwa ngokushaya indiva imigudu ebithi labo abahluleka ukuwina amawadi abo kumele bazithole sebengamakhansela e-PR.

Esithangamini sabezindaba saleli qembu ngeledlule uMnumzane uJulius Malema uthe kade bekushaya indiva ubuvila manje sebekhathele ngamavila.

“Amakhansela e-PR akhethwayo kufanele kube yilawo anamavoti amaningi. Uma uthola amavoti amaningi, lokhu kuletha amathuba okuthi uye emkhandlwini,” kusho uMalema.

Nokho, leyo nqubomgomo ayinakiwe.

Encwadini ebhalwe ngu-Ephraim Mogale, abaholi bamagatsha babikele ihhovisi likasihlalo wesifundazwe uJoseph Buthane ukuthi amakhansela e-PR akulolu uhlu akuwona lawa abengenele ukhetho futhi amanye awo awasebenzi ngisho ezinhlakeni zeqembu.

UMnumzane uDavid Setlamorago, ongumholi waleli qembu elingeneme, uthe lo mkhuba oqhubekayo ubulala inhlangano futhi uzodala isimilo esiphansi.

“Sithathe isinqumo sokuthi sikumise ukufungiswa kwamakhansela ethu kuze kube kuyalandelwa uhlu lwengqungquthela. Kukhona ngisho amagama abantu abashona ngaphambi kokhetho,” kusho uDavid.

Uqhube wathi abasoze baholwa abantu okubuzwa ukuthi basemthethweni yini.

Usihlalo wesifunda uMnumzane uMashianoke Komane uthe akakwazi ukuphawula ngezinsolo zenkohlakalo, wadlulisela lolu daba kusihlalo wesifundazwe uMnumzane uJossey Buthane.

UButhane uthe amalungu e-EFF kumele alandele imigudu yangaphakathi ukuze axazulule izingxabano zawo kunokuthi aye kwabezindaba.

I-EFF iwine amawadi amathathu e-Elias Motswaledi nezihlalo eziyi-11 ze-PR.

Izihloko zakamuva