Celani Sikhakhane
Iqembu le-EFF esifundazweni saKwaZulu-Natali lisabisa ngokuthathela iqembu le-ANC izinyathelo, baphinde bayise udaba enkantolo uma ngabe bengaqondisi izigwegwe amalungu eqembu labo ahlasele uMengameli weqembu le-EFF uJulius Malema ngesonto eledlule.
UMnumzane uMalema ubevakashele eDambuza endaweni yakwaMachibisa ukuyohlola uhlelo lokubhalisela ukuvota, kodwa ebe ekhankasa eMgungundlovu ngesikhathi uhambo lwakhe luphenduka udlame njengoba amalungu eqembu le-ANC afike ngobuningi ezovimba uMalema kanye nabanye abaholi ukuba bangene lapho kubhaliselwa khona ukuvota.
Isango lesikole lapho bekuvakashe khona umholi weqembu le-EFF liphukile ngesikhathi kwenzeka lokhu.
Usihlalo weqembu le-EFF KwaZulu-Natali, uVusi Khoza utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kubi ngoba iqembu le-ANC lizama ukubuyisela isifundazwe saKwaZulu-Natali kudlame olwenzeka ngezikhathi zama-90s ngemuva kokuthi kube unyaka wezi-1994 wokhetho.
“Ngesonto eledlule iqembu le-ANC liphikile izinsolo zokuthi yibona abahlasela uMalema kanye nabanye abaholi, kodwa bathi amaqabane eqembu labo alimala ngesikhathi kuliwa kusho uKhoza.
“Siyazibuza ukuthi amalungu eqembu labo alimala kanjani uma bethi ayengekho ngesikhathi kuliwa”.
Uthe yingakho befuna ukuya enkantolo.
“Uma ngabe iqembu le-ANC lihluleka ukuqondisa izigwegwe amalungu ayekhona ngalesi sikhathi kuliwa, sizoyisukumela le ndaba siye enkantolo ukuze iqembu le-ANC lizovalwa ukukhankasela amavoti,” kusho uVusi.
Okhulumela iqembu le-ANC KwaZulu-Natali, uNhlakanipho Ntombela, uthe iqembu le-EFF yilona elangena ngendluzula eMgungundlovu lafike lenza icala.
“Balindeni? Kumele ngabe sebeyile enkantolo. Yibona abahlasele amalungu ethu nabasebenza ehhovisi likaNgqongqoshe. Angazi ngempela bakhalaza ngani,” kusho uNhlakanipho.
“Iqembu le-ANC selivule icala elimelene ne-EFF.”
Okhulumela uNgqongqoshe, uThabani Ngwira uthe icala libikwe emnyangweni wezomthetho kazwelonke ngalokhu okwenzekile.