Arthur Greene
I-EFF isikhiphe ividiyo okusolakala ukuthi ingeyokugqekezwa kwepulazi likaMengameli uCyril Ramaphosa ePhala Phala ngoNhlolanja ngonyaka ka-2020.
Le vidiyo ekhishwe kwi-Sunday Times ngoLwesibili ikhombisa abesilisa ababili benyonyoba bezungeza ngaphandle komuzi. Eminye imifanekiso ibakhombisa behamba bezungeza ingaphakathi lomuzi. Ividiyo iveza ubuso obubodwa balaba balisa kanti kubonakala kancane njengoba bebheke ikhamera.
Ividiyo ezophakamisa imibuzo eminingi yile yangaphakathi endlini. Nakuba amanye amavidiyo amahlanu ebonakala ukuthi athathwe amakhamera onogada le enye ikhombisa ukuthi ithathwe ngekhamera ephethwe ngesandla. Lokhu kuphakamisa umbuzo othi ngubani othathe ividiyo?
Lama vidiyo kuthiwa afakazela ubufakazi obethulwe yilowo owayengumphathi wezinhloli u-Arthur Fraser ngesikhathi evulela uRamaphosa icala lobugebengu ngoLwesithathu olwedlule.
UFraser usola ukuthi izigebengu zizame ukuntshontsha u-R61.4 million endaweni ese-Limpopo. Uthe laba balisa babanjiwe baboshwa ngokungemthetho ngonogada bakaRamaphosa ngaphambi kokuba bakhokhelwe ukuze bathule lonke udaba.
URamaphosa ukuqinisekisile ukugqekezwa kwalesi sigameko ngoLwesine ngesonto eledlule kodwa waphika ukuthi kukhona akwenzile.
Le vidiyo ikhishwe kwabezindaba ngoLwesibili kanti ibihambisana nombukiso wevidiyo ekhombisa ukuboshwa kwabasolwa kanye nomazisi nezithombe zezimoto ezithengwe ngemali abayintshontshile.
Ukukhishwa kwalama vidiyo kulandelwe isithangami sabezindaba ebesibanjwe umholi we-EFF uJulius Malema lapho ephakamise ukuthi uRamaphosa ehle esikhundleni.
“Bantu baseNingizimu Afrika simnike ithuba uRamaphosa ukuthi azibonakalise. Wehlulekile sizomphatha ngendlela esiphathe ngayo uZuma. Kumele aphume ngokushesha ehhovisi ngoba akasihloniphanga isifungo sakhe,” kusho umholi we-EFF.
Umthombo wevidiyo: @S_Pholoba