Celani Sikhakhane
Usihlalo weqembi le-DA KwaZulu-Natali usekhombise ukuzithoba ngemuva kokukhipha isinqumo sokuba kukhishwe izingqwembe ezifakwe e-Phoenix.
Izingqwembe ebezikhombisa ukuhlukanisa ngokohlanga, esezisuse omkhulu umsindo nokuthukuthela kubantu baKwaZulu-Natali, zibhalwe imyalezo ethi: “iqembu le-ANC linibiza ngabacwasi, kodwa i-DA inibiza ngamaqhawe”.
Usihlalo weqembu le-DA uDean Macoherson uvumile ngoLwesine ukuthi ufake izingqwembe ngaphandle kokukhulumisana namalungu eqembu.
“Iqembu le-DA lisezinhlelweni zokukhipha izingqwembe KwaZulu-Natali, ezilethe ukucasuka obekungahlosiwe,” kusho uMacpherson.
Uthe inhloso yakhe ubehlonipha isibindi nobuqhawe kulaba ababehambisana nomthetho abasala dengwane ngesikhathi abantu bezitapela ezitolo ngoNtulikazi.
Uphinde wathi izingqwembe zilethe ubuhlungu kubantu futhi siyaxolisa kakhulu.
Izingqwembe esizifakile sithole ukugxekwa ngazo ikakhulukazi e-Phoenix, njengoba impi yohlanga kusayindaba eshubile selokhu kwashona abantu abangama-36 ngesikhathi sokuzitapela ezitolo ngoNtulikazi.
I-DA isolwa ngokuzama ukuhlokoloza ingxabano yabohlanga phakathi kwamandiya nabantu abamnyama e-phoenix.
UMacpherson ushintshe umqondo ngemuva kokugxekwa osopolitiki emaqenjini ahlukene, izishoshovu zomphakathi kanye nemindeni yalaba ababulawa e-Phoenix njengoba bezwakalise ukuthukuthela kwabo.
UMacpherson uthe kwesinye isikhathi kwezepolitiki amazwi ethu kuyenzeka angaphumi ngendlela esifisa ngayo, kodwa ngifisa ukwenza isiqiniseko emphakathini, ngaphandle kokuphikisa ukuthi izinhloso zami zihlezi ziqotho.”
Iphini likajenene eqenjini le-ANC uJessie Fuarte, ubevakashele e-Phoenix ngoLwesine, wathi kuhle ukuthi iqembu le-DA likhipha izingqwembe ebezifakiwe.
“Sizoqhubeka nesikhalazo sekhomishini yamalungelo abantu,” kusho uJessie.