Iqembu le-DA liqoke intsha esencane ezikhundleni

Celani Sikhakhane

Ukuthunyelwa kwezimeya ezisencane yiqembu le-DA sekuholele ekutheni uphiko lwentsha lwe-ANC (i-ANCYL) lufune i-ANC itshale amaphesenti angama-25.

I-DA iqale lo mkhuba ngonyaka wezi-2013 ngokufaka uMnumzane uBongani Baloyi owayeneminyaka engama-26 ngaleso sikhathi njengemeya yesigungu sikamasipala wase-Midvaal e-Gauteng.

Kulo nyaka i-DA isiphinde yakwenza ngokuqoka uGeordin Hill-Lewis oneminyaka engama-34 njengemeya yesigungu sikamasipala waseKapa. 

KwaZulu-Natali lapho benqobe khona umasipala okhethweni olusanda kwenziwa kulesi sifundazwe, i-DA ibe sematheni ngokuqoka uMnumzane uChristopher Pappas oneminyaka engama-31 njengemeya kumasipala waseMngeni.

NgoMsombuluko basuse umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi bememezela uSandile Mnikathi oneminyaka engama-26 njengephini lemeya kumasipala waseMngeni.

UMnumzane uFrancois Rodgers we-DA uthe abavoti bayakhula futhi kubaphatha kahle uma kuthunyelwa abaholi abancane.

“Siphinde sibe nohlelo lokuqeqesha abaholi abasebasha njengoba lokhu kusiza abaholi bethu abasebasha ukuthi bahlome ngamakhono afanele futhi behlale begqama ezikhundleni zabo,” kusho uRodgers.

Ukuqoka kwe-DA kwakamuva kususe umsindo ku-ANCYL.

Okhulumela i-ANCYL KwaZulu-Natali, uMnumzane uSbonelo Nomvalo, obehola imibhikisho emayelana nokumelwa kancane kwabangenele ukhetho ku-ANC uthe bakhona omasipala bendawo abangabamele nhlobo abantu abasha.

“Sinomyalezo ocacile wokuthi indima yabantu abasha akukhona ukukha amanzi kwabadala noma ukugxumeka izingqwembe ze-ANC, siphinde sibe nabantu abasha abanekhono okumele batshalwe ezinhlakeni ezahlukene zikahulumeni,” kusho uNomvalo. 

I-ANCYL ithe ifuna izigcawu zenhlolokhono yezimeya ze-ANC ziqinisekise ukuthi intsha itshalwa ezikhundleni zobumeya.

Esigamekweni esingajwayelekile i-ANC yaqoka lowo owayeneminyaka engama-27 ubudala uCarol Phiri njengeMeya kamasipala wase-Musina ngonyaka wezi-2012.

Imeya ye-ANC ivamise ukuba neminyaka elinganiselwa kwengama-40 ubudala kanti lokhu kuhlala kubungazwa njengempumelelo enkulu entsheni.

Izihloko zakamuva