Menzi Magubane
Usuzithole usemanzini ashisayo umasipala weTheku ngemuva kokugxekwa iqembu le-DA kulandela isinqumo sokuba umasipala uzoxhasa iqembu lebhola i-Royal AM ngemali eyizigidi ezi-5,25 zamarandi ngonyaka.
Umasipala weTheku unobudlelwano namaqembu ebhola wonke aseThekwini adlala kwi-DSTV Premiership. Ngemuva kokuba iqembu le-Royal AM lichithe izigidi ezingama-50 zamarandi lithenga iqembu le-Bloemfontein Celtic, bathola uxhaso.
Lokhu akwehli kahle eqenjini le-DA kwisifunda saseThekwini. Ngokusho kwe-IOL, iqembu likholelwa ukuthi umnikazi we-Royal AM, ongusomabhizinisi uShauwn Mkhize, unemali eyanele ukuxhasa iqembu lakhe.
“Abaphathi be-Royal AM bacebile kakhulu benza imali yabo ngokuthola amathenda asemadolobheni,” kusho umholi we-DA okwikhokhasi uNicole Graham.
Uthe ukuxhasa abantu abanemali futhi abacebile akusikho ukwakha lokho kodwa ukusebenzisa imali ngendlela engafanelekile.
“Basanda kuthenga iqembu ngezigidi ezingama-50 zamarandi baphinde babe nezimoto eziseqopheleni eliphezulu nezibizayo ama-Rolls-Royces. Lokhu kuchaza ukuthi uMkhize uyathandwa edolobheni. Kumele adayise i-Rolls-Royce yakhe eyodwa ukuze akwazi ukuxhasa iqembu lakhe. Lokhu kuyinhlekisa futhi kukhombisa ukuhlukumeza kwamandla esikhundla.
NgoLwesibili kwaqinisekiswa ukuthi iqembu lizothola izigidi ezi-15,75 zamarandi kumasipala iminyaka emithathu.
Iqembu le-Golden Arrows kanye naMazulu bazonyuselwa imali yonyaka abaxhaswe ngayo. Imali okuxhaswe ngayo i-Arrows izosuka kwizigidi ezi-3,5 zamarandi inyuke ifike kwizigidi ezi-5,25 zamarandi kanti AmaZulu, okwamanje athola izigidi ezi-2,5 zamarandi, asezothola izigidi ezi-3,75 kule minyaka emithathu ezayo.
Amanye amaqembu athola uxhaso kumasipala iqembu lebhola lombhoxo i-Cell C Sharks. Sebezothola izigidi ezi-4 zamarandi kule minyaka emithathu ezayo.
Khonamanjalo, iqembu le-Royal AM lilindeleke ukuba liqhubeke nokuziveza kwi-Premiership kule mpelasonto njengoba bezodlala okokuqala KwaZulu-Natali ngeSonto. Bazodlala ne-Maritzburg United okumele izikhathaze ngendlela i-Royal AM eshesha ngayo ukufaka amagoli.
Kule midlalo emibili edlulile. Iqembu le-Royal AM selifake amagoli ayisishiyagalombili ngesikhathi ihlula i-Kaizer Chiefs ngo 4-1 kanye ne-TS Galaxy ngo 4-2.
Umthombo wesithombe: @PSLNews