Iqembu le-DA libhale incwadi evimba uCibane ukuthi ahlanganyele emncimbini wokungcotshwa kwemeya

Celani Sikhakhane

Iqembu le-DA KwaZulu-Natali lithe liqinise ezokuphepha kulo masipala ukuze baqinisekise ukuthi umphathi kamasipala owamiswa uThembeka Cibane akawungameli umhlangano wokugcotshwa.

NgoLwesibili ubuholi be-DA bufake incwadi efungelwe ehhovisi likaNgqongqoshe we-Cogta nasemaphoyiseni aseThekwini ukuze kuvinjwe uCibane ukuthi angabe esalubeka unyawo esigungwini somkhandlu.

Oqokwe njengeMeya ye-DA eMngeni, uChris Pappas uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi ukugcotshwa kuyaqhubeka ngaphandle kukaCibane.

“Ngiyifakile incwadi efungelwe ukuze kungabi khona okuzophazamisa umhlangano womkhandlu, futhi sizokwenza isiqiniseko sokuthi ezokuphepha ziqinile ukuze angeke akwazi ukubeka unyawo egunjini,” kusho uPappas.

Usihlalo we-DA KwaZulu-Natali, uDean Macpherson, uthe bahlangane nethimba labo labammeli ukulungiselela ukugcotshwa okuzayo.

“Siyibhekisise yonke imigudu yomthetho ukuqinisekisa ukuthi siyakwazi ukuqhubeka nomhlangano womkhandlu ngaphandle kokuphazamiseka,” kusho uMacpherson.

Ngesonto eledlule amakhansela e-DA nawe-EFF abe nomhlangano wokubhikisha ephikisana nokwengamela kukaCibane ngokugcotshwa kwakhe. Iqembu liye esiteshini samaphoyisa e-Howick ukuyovula icala lokungena kukaCibane ladlulela enkantolo yemantshi lapho wonke amakhansela aphikisayo afungiswa khona.

UMngeni kulindeleke ukuthi ubize umhlangano womkhandlu mhla zingama-20 kuLwezi kanti uma behluleka uhulumeni wesifundazwe uzophoqeleka ukuthi awufake ngaphansi kokuphatha umkhandlu.

UCibane umile kwelokuthi ukumiswa kwakhe sekuphelile futhi unalo lonke ilungelo lokwenza umsebenzi wakhe njengomphathi kamasipala, okuhlanganisa nokwengamela umcimbi wokugcotshwa.

Izihloko zakamuva