Lungani Zungu
Iqembu le-ANC selithathe isinqumo – sokuhlehlisa izinqgungquthela zonke zesifundazwe zokukhetha ubuholi ukuze bezogxile kukhetho oluzayo ngomhla wokuqala kuLwezi.
Njengamanje iqembu le-ANC alinabo abantu abahola izifundazwe zase-North West, i-Mpumalanga, i-Western Cape kanye ne-Free State.
KwaZulu-Natali izindawo ezimbili kuphela kweziyi-11 esezikwazile ukubamba ukhetho oluphumelele lwengqungquthela.
Iqembu selihlehlise kaningi ingqungquthela ezindaweni eziningi njengaseThekwini, nase-Moses Mabhida eMgungundlovu.
Ethekwini indawo enkulu enamagatsha eqembu le-ANC ayi-110, owayeyimeya uZandile Gumede kulindeleke ukuba abange isikhundla noThabani Nyawose, oweseka uMengameli uCryril Ramaphosa. Kubukeka ngathi uNyawo usekwazile ukuzakhela ukwesekwa ngemuva kokuba aqokwe njengohamba phambili kuhlu lwabazongenela ukhetho lohulumeni bendawo beqembu le-ANC.
Lokhu kumbeka esikhundleni esibalulekile sokuba iMeya yeTheku kumaspala waseThekwini – umasipala wedolobha elikhulu KwaZulu-Natali.
UNyawose akakufihli ukuthi ujabulile njengoba angase abe yiMeya futhi kuhamba nomholo oyizigidigidi ezi-52,3 zamarandi.
Kodwa uGumede, oseke wakuzwa ukuthi ukuba iMeya kunjani kwaze kwaba unyaka wezi-2019, naye uyakhankasa kanzima.
Iqembu le-ANC selihluleke kaningi ukuba nengqungquthela yokukhetha ubuholi eyimpumelelo kwezinye zezifundazwe njengase-North West, i-Free State kanye neMpumalanga.
Kwesinye isikhathi, amalungu eqembu le-ANC kwezinye zezifundazwe abebhikisha evale imgwaqo ngamathayi avuthayo.
Noma zikhona izimo eziyinhlekelele, iphini likanobhala-jikelele weqembu le-ANC uJessie Duarte uthe ukuhlehlisa ingqungquthela kuzonikeza amalungu eqembu le-ANC nabaseka iqembu isikhathi esanele ukukhankasela iqembu ezifundazweni eziyisishiyagalolunye.
Noma kunjalo, njengoba iqembu lihlulekile ukukhokhela abasebenzi, akucaci kahle ukuthi iqembu lizoxhasa ngani kumkhankaso wezifundazwe.
Okhulumela iqembu uPule Mabe uthe iqembu likulungele ukubhalisela ukuvota kulempelasonto ezayo.