Iqembu le-ANC liyenqaba ukugxeka ngodlame olubhekiswe kwabokufika

Lungani Zungu

Iqembu elibusayo eNingizimu Afrika selinqabile ukugxeka udlame ngemuva kokuthi iqembu labantu abangamashumi amathathu lishise izitolo zabokufika enkabeni yedolobha laseThekwini izolo.

Lesi sifunda sike saba nezikhathi ezithile zodlame lokucwaswa kwabokufika kanti omakadebona ophikweni lwezempi lwaleli qembu, uMkhonto weSizwe basola abokufika ngokuthatha imisebenzi yakulendawo.

NgoMsombuluko, abanikazi bezitolo bakwamanye amazwe enkabeni yeTheku bathe bayabonga ukuthi bayaphila ngemuva kokuthi izitolo zabo zishiswe yiqembu labantu ababalelwa emashumini amathathu, okukholakala ukuthi bangamalungu e-ANC ahambisana noMkhonto weSizwe.

Lesi sixuku simiswe ukumasha ukuya e-Durban City Hall, lapho okuhlala khona uhulumeni waleli dolobha, ngoMsombuluko ekuseni ngamaphoyisa kaMasipala weTheku ne-SAPS.

Amaphoyisa abephikisa ngokuthi lesi sixuku asinayo imvume.

Benza sengathi bayahlakazeka, lesi sixuku sikhohlise amaphoyisa saphinde saqoqana imizuzwana ngokuhamba kwesikhathi – kuthe sebehlangana okwesibili lesi sixuku bese sinabantu abaningi kakhulu futhi kuthiwa baqala ukuganga ngezitolo bazishisa.

Abezicishamlilo babizelwe ukuzobhula umlilo ezitolo ezintathu.

Amaphoyisa asheshe avimba leli qembu ukuthi lingashisi ezinye izitolo kanti omunye wababhikishi kuthiwa uzame ukugwaza iphoyisa.

Umsolwa uboshiwe wabekwa icala lokuzama ukubulala kanti kulindeleke ukuthi avele enkantolo kungekudala.

Umnikazi wesitolo uMohamed Hossain weqe ngaphandle kokulimala ngemuva kokuthi lesi sixuku sigasele esitolo sakhe.

“Bengicabanga ukuthi bazongibulala ngesikhathi bengena esitolo sami base beqala ukucekela phansi yonke into,” kusho uMohamed.

“Ngigijimele ngaphandle ngaqala ukuthandaza. Laba bantu bebethukuthele futhi bengisaba kakhulu.”

UHossain odayisa omakhalekhukhwini nezinye izinto zokusebenza, ulinganise umonakalo wesitolo sakhe wathi ube ngaphezu kwamarandi ayizinkulungwane ezingamakhulu amahlanu.

“Kumele ngiqale phansi ngemuva kokusebenza kanzima ukuze ngibe lapha engikhona nebhizinisi lami. Akekho umuntu ofanelwe ukuphathwa ngale ndlela.”

Izikhalo zeqembu bezingacaci okwamanje.

Okhulumela i-MKMVA esifundazweni uDumisani Mahlinza, usiqhelelanise nenhlangano yakhe neqembu lesi sigameko.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natali uMnuz Nhlakanipho Ntombela uthe i-ANC ngeke izibandakanye nalesi sigameko.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Jay Naicker usiqinisekisile lesi sigameko futhi wafunga wagomela ukuthi kuzoboshwa abanye abantu.

“Usaqhubeka umkhankaso wokuhlonza nokubopha abanye abenzi bokubi. Kuvulwe icala lodlame emphakathini ukuze kuqhutshekwe nophenyo.”

Izihloko zakamuva