Iqembu le-ANC liyaqhubeka nokuhola emadolobheni amakhulu ase-Gauteng

Everson Luhanga

I-ANC isaqhubeka nokuhola emadolobheni ase-Gauteng, iGoli, i-Tshwane nase-Ekhurhuleni, kodwa iqembu elibusayo lingase lizithole lisezingxoxweni zomfelandawonye njengoba i-EFF ne-ActionSA bezuze lukhulu.

I-ActionSA kaHerman Mashaba kubukeka sengathi ithathe amavoti amaningi ku-ANC emalokishini, ikakhulukazi e-Soweto, ne-DA ezindaweni ezingaphansi kwedolobha.

Ngezithuba zasemini ngoLwesibili i-ANC ibihlezi  kumavoti angama-42.5% e-Tshwane, i-DA ibihlezi kumavoti angama-29,6% kanye ne-FF+ ibinamavoti ayi-11%.

I-ActionSA iqhubekile nokuba nomthelela omkhulu kumasipala waseGoli ngokuthola amavoti ayi-18.7% endaweni yesithathu kwathi i-ANC ihola phambili ngamavoti angama-36.4% kwathi i-DA isendaweni yesibili ngamavoti angama-25.1%.

Khonamanjalo, i-IEC itshele abezindaba ukuthi amaphuzu angama-90% wamavoti azobalwa ngoLwesibili ebusuku.

I-Gauteng ibe nokuzamazama komhlaba kwezombusazwe ngoMsombuluko njengoba i-ActionSA kaHerman Mashaba ibonakala iwine inqwaba yamavoti idlula i-ANC ne-DA endaweni eyisizinda sezimboni eNingizimu Afrika.

Ukuphumelela kukaMashaba, iqembu lakhe elasungulwa ngonyaka wezi-2020 kuNcwaba, kuwuphawu lokuthi abavoti baseNingizimu Afrika basemadolobheni nasezindaweni zasemadolobheni, abebekhala ngoguquko sebekhathele amaqembu amadala. Izigidi eziningi zikhombise umuzwa ofanayo ngokungazihluphi ngokuvota.

Nokho izimpawu zokuqala zokuthi i-ANC isihlale ubusuku bonke eGoli zivele ngemuva nje kokuthi kuvalwe ukuvota ngohora lesishiyagalolunye ebusuku sekuqala ukubalwa. I-IEC imemezele imiphumela yezifunda zokuvota e-Soweto ekhombisa ukuhlubuka kwe-ANC ngamaphesenti angama-20 kuyela kwangama-30%.

E-Protea esikoleni samabanga aphansi esibizwa nge-Glen Primary School, i-ActionSA ishaye i-ANC ngamavoti angama-34%, uma kuqhathaniswa ne-ANC enamavoto angama-32% eyehle ngamaphuzu angama-26 kanye ne-EFF ithole amavoti angama-25% yehla ngamaphuzu ayisithupha.

I-ActionSA ithole isifunda sayo sokuqala sokuvota ebusuku Kwadukuza KwaZulu-Natali, ngesikhathi ikhipha i-DA eyanqoba ngonyaka wezi-2016.

UMashaba ongusomabhizinisi owazakhela imali ngomkhiqizo wezinwele owaziwayo usekhulume kakhulu ngenqubomgomo yabokufika, egxeka abokufika abangenazo izincwadi.

Ukwesekwa kwakhe okuningi kuvela kubantu baseNingizimu Afrika abacabanga ukuthi abakwamanye amazwe bebelokhu betheleka kuleli bethatha imisebenzi yabo.

Khonamanjalo, i-EFF kaJulius Malema evula imingcele yenqubomgomo yase-Afrika ibonakala iphazamise ukusebenza kwayo kulolu khetho. Imiphumela yangoMsombuluko ebusuku iveze ukuthi i-EFF ilandela umkhondo wayo wangonyaka wezi-2016.

Umthombo wesithombe: @MSantovian

Izihloko zakamuva