Celani Sikhakhane
I-ANC iwine isifunda esisodwa kuphela KwaZulu-Natali iHarry Gwala.
Kubukeka sengathi iqembu elibusayo kumele libonge abantu base-Eastern Cape noma “i-Eastern Cape fever” njengoba abanye besho.
Umasipala Wesifunda saseHarry Gwala uhlezi emngceleni wezindawo ezimbili. Yake yaba ngaphansi kwe-Eastern Cape ngaphambi konyaka wezi-1994, kodwa yabuye yahlukaniswa iKwaZulu-Natali.
Leso sifunda sinezindawo ezifana noMzimkhulu, i-Kokstad, iseXopo kanye nezinye.
Ezinye izingxenye zesifunda zazingaphansi kwendawo ebiyaziwa njenge-Transkei ngaphambilini.
Ngemuva kokumenyezelwa kwemiphumela yokhetho lohulumeni bendawo ngowezi-2021, isifunda saseHarry Gwala siphume njengethemba elikhulu le-ANC.
Bonke omasipala bendawo kwisifunda iHarry Gwala okuhlanganisa umasipala wendawo obizwa ngoDkt Nkosazana Dlamini Zuma, i-Greater Kokstad, uMzimkhulu nowaseBuhlebezwe banqotshwe yi-ANC.
Zonke ezinye izifunda nomasipala basemakhaya ababalulekile esifundazweni abebengaphansi kwe-ANC bathathwe yi-IFP kulolu khetho.
USihlalo we-ANC esifundeni uZamokuhle Nxumalo utshele i-Scrolla.Africa ngoLwesine ukuthi amaqhinga abo okuxosha abangenele ukhetho abazimele futhi ababeka engcupheni enkulu, ayasebenza.
“Sisebenza kanzima ukwehlisa umkhankaso kwabangenele ukhetho. Besinabantu ababalelwa kwabangama-25, kodwa babili kuphela abaphumelele okhethweni. Empeleni silahlekelwe amawadi amathathu kuphela kwangama-61. Amawadi amabili aye kwabazimele kwathi iwadi eyodwa yatholwa i-IFP,” kusho uNxumalo.
Elinye iqhinga abalisebenzisile elokuqinisekisa abavoti ukuthi ukuvotela abazimele kuyivoti elichithiwe.
UNxumalo neqembu lakhe baphinde bakwazi ukudalula abathile abazimele abebesebenzisa izinsiza ze-ANC okubalwa izikibha, iziqubulo nezimoto ezinemibala ye-ANC.