Celani Sikhakhane
Usihlalo waKwaZulu-Natali we-ActionSA udalule ukuthi leli qembu alizange lingene kubo bonke omasipala esifundazweni ukuze i-IFP ne-NFP bathole isikhala sokususa i-ANC eNyakatho neKwaZulu-Natali.
Ngemuva kwesikhashana i-IEC imemezele imiphumela esemthethweni yokhetho ngoLwesine, udokotela uMakhosi Khoza utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uhlelo lwabo lusebenze kahle ngoba kade bengenazo izinsiza eziningi.
Leli qembu limangaze abaningi ngesikhathi lithola izihlalo ezine kumasipala weTheku, ezinhlanu kwaDukuza, nesinye kumasipala wase-Newcastle.
“Besingenazo izinsiza futhi bekunzima ukubonakala yonke indawo, sathatha isinqumo sokuthi ngeke sibange labo masipala abakhulu abaseNyakatho naKwaZulu-Natali.,” kusho uKhoza.
UKhoza kulindeleke ukuthi abe yingxenye yamakhansela amasha eThekwini ngaphansi kwe-ActionSA eholwa nguMnumzane uHerman Mashaba.
Uthe iqembu ligxile kwabaphakathi nendawo ngoba bakholwa ukuthi le imiphakathi enganakiwe ngamaqembu amaningi epolitiki.
UKhoza wayekhonjwa indlela yokuba yimeya yeTheku ngonyaka wezi-2011 ngesikhathi se-ANC futhi esawumphathi we-ANC wesishayamthetho sesifundazwe kanye nosihlalo wekomidi elihlala ephalamende lomphakathi (i-Scopa).
Ngawo lowo nyaka naye ukhongolose wamqoka njengomphathi kamasipala weTheku, kodwa wasatshiswa ngokuthi uzobulawa waphoqeleka ukuthi ahoxise isikhundla sakhe njengoba ebonwa njengomuntu oyingozi.
Ngawo lowo nyaka umhlaba wakhe ose-Hillcrest wahlaselwa ngamaqabane akhe akudala e-ANC ayezama ukuthumela umyalezo ocacile, nalapho kwamele ahoxe esikhundleni sokuba umphathi kamasipala weTheku.
UKhoza ukholwa ukuthi sekuyisikhathi sokuthi amaqembu aphikisayo akhiphe i-ANC emkhandlwini weTheku. IKwaZulu-Natali inomasipala abayi-18 amaqembu angakwazanga ukuthola kuwo amavoti angaphezu kwangama-50%. Ngonyaka wezi-2011 babeyi-19.