Iqembu le-ABC lizimisele njengoba sekusondele ukhetho lohulumeni bendawo

Lungani Zungu

NgoNhlaba, uMnumzane uSiyabonga Kunene, owayeyimeya ye-IFP eNquthu, obhekene necala lokuzama ukubulala ngonyaka wezi-2017, wehlulwa kabuhlungu yiqembu lakhe lakudala ngesikhathi kunokhetho kusigcene se-11 eNquthu.

UKunene wangenela lolu khetho ngaphansi kwenhlangano i-Abantu Botho Congress (i-ABC), okuyiqembu eliholwa ngusomabhizinisi uPhilani Mavundla, owayeyimeya e-Greytown futhi owahlomula kuJacob Zuma, Kodwa wehlulwa. 

Ngemuva kwezinyanga eziyisikhombisa ehluliwe, uKunene useqedile ukuzikhotha amanxeba futhi ulungele ukulwa futhi.

“Bengikhankasa kanzima, futhi abantu basamukele ngezandla ezifudumele njenge-ABC,” usho kanje, ngaphambi kokhetho lomhla zizinye kuLwezi.

UKunene uke waba yisishoshovu se-IFP, kodwa waxoshwa eqenjini ngemuva kokuhilizisana esidlangalaleni nomholi weqembu ngaleso sikhathi, umntwana kaphindangene uMangosuthu Buthelezi, ngamacala akhe okubulala.

“I-IFP ibingeke ize isondele ekutheni iwine iwadi. Sengibalungele.

“Ngifuna ukushintsha usizi lwezakhamuzi eziningi ezinhlwempu zaseNquthu,” kusho uKunene.

Waboshwa ngonyaka wezi-2017 nabanye abasolwa abahlanu ngezinsolo zokwakha itulo lokubulala izimbangi zabo ze-ANC eNquthu.

Nokho leli tulo  labhuntsha ngemuva kokuthi omunye wogada  bakhe abebenze nabo itulo ebikele amaphoyisa.

Kodwa uyaphika ukuthi wake wabandakanyeka kuleli tulo lokubulala.

“Lesi simo kwakuyitulo lezepolitiki. Ingakho icala lachithwa,” kusho uKunene

I-NPA ayikwazanga ukuqinisekisa isimo secala likaKunene.

Umthetho wekomidi lokhetho ezimele (i-IEC) uthi noma yimuphi umuntu angangenela ukhetho inqobo nje uma engenamacala avuliwe.

OwayenguSihlalo we-EFF e-Gauteng uMandisa Mashego, ungomunye wosopolitiki abaqavile abajoyina i-ABC ngemuva kokulaxaza i-EFF kulandela ukungaboni ngasolinye nomholi weqembu uJulius Malema ngonyaka odlule.

I-ABC, eyasungulwa ngoMasingana nyakenye, izongenela ukhetho lohulumeni basekhaya okokuqala ngqa.

Umholi weqembu uMavundla unethemba lokuthi iqembu lakhe lizowina izigceme ezithile KwaZulu-Natali.

Izihloko zakamuva