Dylan Bettencourt
INingizimu-Africa ibihlezi ilindele ukuba iqembu labasubathi abakhubazekile lizokwenza kahle kwimidlalo yama-olimpiki kanjalo nemidlalo yase-Tokyo bafisa ukuthi benze kahle.
ULwesihlanu usuku olukhulu kwiqembu njengoba abasubathi abayi-13 baseNingizimu Afrika bezoqhudelana emidlalweni eyahlukene.
Abantu abaningi bathembe uReinhardt Hamman ozobe ekumcintiswano wabantu besilisa be-javelin throw(F38) kowalamanqamu ngoLwesihlanu ngehora leshumi nanye.
Abasubathi abane baseNingizimu – Afrika bazoqhudelana ngehora le-11:30 nangehora le-21:30.
NgoMgqibelo sizobona abasubathi ababili baseNingizimu – Afrika bedlala e-Tokyo Aquatics, kuzobe kunguSwanepoel omele abantu besifazane kwi-“150m medley(SM4) heat 1 ngehora le-09:45. Kuzobe sekulandela uHandrik van der Merwe ku-100m breaststrike (SB5) heat 2 ngehora le-11:09.
Imidlalo yonke yase-Tokyo ngowezi-2020 yabasubathi abakhubazekile izovela kwiziteshi ze-DStv SuSuperSport.
➤Imidlalo yomjaho wezimoto izobuyela kumabonakude ngemuva kwamasonto amane okuphumula, futhi kubukeka ngathi izinto zizoshuba njengoba abasubathi bethu kumele bafase amabhande ngoba sekuya ngokunyukela izinga lokudlala.
UMax Verstappen uzobe ebheke ukuba ungqaphambili kwabazosala kwi-Belgian Grand Prix. ULewis Hamilton udlula umsubathi omele i-Dutch ngamaphuzu ayisishiyagalombili kumqhudelwano wompetha owaqala eminyakeni eminingi eyadlula.
Umjikelezo weshumi nambili we-Formula One wangowezi-2021 uzobonakala kwisiteshi ze-DStv-215.
Kuzobe kuqhuma iziqhumane e-Spa-Francorchamps endaweni yase-Belgium ngehora le-15:00 ngeSonto.
➤Imidlalo eyandulela owamanqamu obizwa nge-MTN8 ilindeleke ukuqala kulempelasonto njengoba kuzobe kunendondo yokuqala ebizwa nge-domestic trophy ezotholwa ophumelele ophinde asondelane nomphelandaba. I-Golden Arrows izodlala ne-Mamelodi Sundowns ngoMgqibelo ngehora le-15:00. Kulandele i-Cape Town izobe idlala ne-Moroka Swallows ngehora le-15:00 ngeSonto.
Iqembu le-Sundowns lizobe ligcwele injabulo uma ngabe bewina inkomishi. Kodwa i-Golden Arrows ne-Moroka Swallows kulindeleke ukuba ibamise kanzima futhi bangase bagcine beyithathile indebe.
Umlenze wesibili owandulela owamanqamu uzodlala ngoLwesibili mhla zingama-28 kuMandulo uphinde udlale ngoLwesithathu mhla zingama-29 kuMandulo.
Le midlalo emibili izobonakala kwisiteshi se-Dstv 202.
Umthombo wesithombe: @TeamSA2020