Dylan Bettencourt
Inhlangano emele abesifazane bezizwe e-Afrika emaqenjini e-Volleyball ikhiphe i-Rwanda kumathonamenti njengoba besolwa ngokusebenzisa abadlali abane base-Brazil abangafanelekile.
Umnyango wezemidlalo wase-Rwanda uqinisekisile indaba yokumiswa kweqembu mhla ziyi-19 kuMandulo kwisitatimende esiphinde sathi, umnyango uzothatha izintambo zokuphatha ithonamenti kwazise abaphathi njengoba bengeke basabamba iqhaza.
I-Rwanda bekumele ibhekane ne-Senegal kumdlalo wabo wamanqamu ku-group A mhla ziyi-16 kuMandulo, kodwa iqembu lase-Nigeria le-Volleyball lifake isikhalazo ngenxa yabadlali babo kwase kwathi inhlangano ephethe i-Volleyball yase-Afrika yasamukela isikhalazo sabo.
I-Rwanda yangena kumdlalo owandulela owamanqamu, kodwa ukuphumelela kwabo sekubalahlekele futhi baphinde baphucwa ithuba lokuwina ithonamenti kudlalwa ezweni labo.
Bonke abadlali abane abehlukene kade bezimisele ukungena eqenjini lase-Rwanda le-Volleyball.
Umfelandawonye we-Volleyball emazweni ase-Afrika uthe bekumele bamise abadlali abane abasanda kufakwa i-Rwanda ukuze iqembu lase-Rwanda liqhubeke namathonamenti, kodwa leso sinqumo asizange samukeleke.
Umthetho wethonamenti uthi abadlali bemvelaphi kumele kube inhlangano ezobanikeza amalayisensi kazwelonke noma ibabhalise kumfelandawonye, kodwa lokho abakwenzanga.
Umthetho uphinde uthi abadlali abaseqenjini lesizwe kumele babhaliswe ukuze badlalele iqembu noma inhlangano ye-Volleyball ebhaliswe kumfelandawonye wesizwe, kodwa iqembu lase-Rwanda alizange liwulandele lo mthetho.
Umfelandawonye kanye nabadlali abazithola bebandakanyeka bamisiwe ngenxa yokungalandeli umthetho.
Umthombo wesithombe: @Reutir