Dylan Bettencourt
Umqeqeshi weqembu lase-Argentina, uMario Ledesma uchaze ukukhishwa kuka kaputeni wabo uJulian Montoya njengokungahlonishwa.
Lokhu kwenzeke endaweni yase-Townsville ngoLwesihlanu ngesikhathi okaputeni abathathu kwabane bebonakale behleka bephinde bemamatheka, kodwa uMontoya ubengekho kanye nabo.
Ukaputeni we-Argentina akabanga ingxenye yokuthwebulwa kwezithombe njengoba olunye uhlangothi lungakwazanga ukufika ngesikhathi ebesifanele enyakatho nedolobha lase-Queensland.
Ngesikhathi ediniwe uLedesma uthe yize olunye uhlangothi lwakhe belungekho endaweni ngesikhathi kuthwebulwa izithombe bekungamele kuqhubeke ngaphandle kukakaputeni.
“Abadlali beqembu kanye nabasebenzi babone bedelelekile. Asiceli okuningi. Ngonyaka odlule ngesikhathi iNingizimu Afrika iphuma, seza kule ndawo, sahlala kumvalelandlini ngaphansi kwemithetho eqinile. Sasingekho emakha ethu izinyanga ezintathu kuyela kwezine, kanti iqembu lethu ilona lodwa elineminyaka emibili lingadlali imdlalo yasekhaya,” kusho umqeqeshi wabo.
“Sihlezi sihamba. Asikaze sakhalaza, kodwa kokunye sibuye sibone engathi siyadelelwa kodwa siyaqhubeka nokubekezelela lokho.”
Ukuthwebulwa kwezithombe bekulungiselelwe e-Queensland, lapho kubanjwe khona imdlalo eminingi yebhola lombhoxo kodwa inselelo yokungena yenze ukuba kushintshwe indawo ibe se-Townsville.
Ukushitshwa kwendawo kube yinkinga kubadlali be-Argentine ukuba bafike ngesikhathi sokuthwebulwa kwezithombe kanye nokushuthwa kwevidiyo.
“Sichithe amasonto amathathu nehora elilodwa sizama ukufika lapho okuthwebulwa khona izithombe, kodwa ngokuphazima kweso kwaphinde kwaqheliswa ngamakhilomitha ayi-1,400. Asikwazanga ukufika, kodwa baqhubeka bathwebula izithombe abanye bengekho,” kusho uLedesma.
Umthombo wesithombe: @Rugby365