Lubhalwe nguMichael Madyira
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena uthatha i-CR Belouizdad okuyizimbangi zabo kuma-quarter final e-Caf Champions League, “njengeqembu elinzima kakhulu.”
ISundowns iqhathwe neqembu lase-Algeria ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azodlala kuma-quarter final ngoLwesithathu.
Njengoba yehlulekile ukudlula umgqigqo wokugcina wamaqembu ayisishiyagalombili kumasizini amathathu edlule, iSundowns izobhekena nenye inkinga uma isidlala ne-Belouizdad.
Leli qembu elizinze e-Algeria lahlula iSundowns ngo 2-0 enkundleni yezemidlalo i-Loftus Versfeld emdlalweni wamaqoqo we-Champions League wesizini ka-2020/21.
Phambilini iSundowns yahlula i-Belouizdad ngo 5-1 emdlalweni obuse-Tanzania.
Kodwa uMokwena uyanqaba ukuthi lo mphumela umthobe inhliziyo.
“Bayiqembu elinzima. Sesiqalile ukulihlaziya nokuyinto enhle impela,” kusho uMokwena etshela i-Power FM.
“Ngesikhathi begcina ukusihlula lapha ekhaya ngiwukhumbula kahle lowo mdlalo futhi ngicabanga ukuthi saba nebhadi ngoba sakha amathuba ambalwa.
“Senza amaphutha ambalwa emuva futhi sajeziswa ngalokho. Kodwa yebo linjalo ibhola. Bayiqembu elihle, elivikelayo, eliqine kakhulu nelinesimo esihle kakhulu somzimba.
“Bazosinika izinkinga eziningi ngesikhathi somdlalo.”
Okunye okungenza uMokwena asabe i-Belouizdad indlela abamangazwe ngayo i-Petro Atletico kuma-quarter final esizini edlule lapho iSundowns ebinengcindezi khona.
Umqeqeshi weSundowns uyazi ukuthi yini ebalindele uma sebeya e-Algeria emdlalweni ozoba ngomhlaka-21 kuMbasa.
“Ukuya e-Algeria kuzoba nzima kakhulu kithina,” kusho uMokwena.
“Ukwesekwa [kukhulu] ikakhulukazi kuleyo ngxenye yomhlaba. Abalandeli babamba iqhaza imizuzu engu-90. Ama-laser, intuthu nayo yonke into.”
Kodwa-ke, iSundowns ingathola ugqozi ngokuhlulwa kwe-Belouizdad, i-Esperance ekhaya esigabeni samaqoqo lapho ephinde yahlulwa khona i-Al Merreikh yaqeda endaweni yesibili eqoqweni layo.
Esithombeni esingenhla: Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena
Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns