Iqembu lamatilosi lishonelwe ilungu

Dylan Bettencourt

Umsubathi oyitilosi wase-Tunisia obeneminyaka engu-17 ubudala u-Eya Guezguez ulahlekelwe impilo yakhe ngesikhathi ezilolonga ngokombiko we-International Olympic Committee (i-IOC).

UGuezguez useke waqhudelana kuma-olimpiki e-Tokyo ngonyaka odlule nodadewabo oyiwele lakhe uSarra.

Bobabili emdlalweni wama-olimpiki baqede ngaphansi kwesigaba sabo se-49er FX.

Laba bobabili bebezilolongela olwandle ngesikhathi isikebhe sabo sigingqika ngenxa yomoya onamandla uSarra wakwazi ukuzitakula wasinda, kodwa u-Eya waminza.

Umqeqeshi wabo kuthiwa ubehamba eduze kwabo ngesikebhe esinesivinini ngesikhathi kugingqika isikebhe sabo.

Lo mqeqeshi ukwazile ukutakula uSarra ngaphambi kokuthola u-Eya.

Ngemuva kokuthola u-Eya, umqeqeshi uzamile ukumnika i-CPR, kodwa lona osemusha ubeseshonile ngesikhathi efika esibhedlela esiseduze.

“Ngishaqekile ngezindaba zokushona kwetilosi u-Eya Guezguez ebenethalente futhi eyisibonelo esihle esizukulwaneni sabasubathi bakhe” kusho uMengameli we-IOC uThomas Bach.

“Ukubamba iqhaza kuka-Eya Guezguez e-Tokyo ngonyaka ka-2020 kanye newele lakhe uSarra kuzoqhubeka nokugqugquzela amantombazane yonke indawo. Imicabango yethu inomndeni wakhe, abangani kanye nomphakathi wama-olimpiki e-Tunisia.”

Ikomidi lase-Tunisia lama-olimpiki liqinisekise lezi zindaba ekhasini layo le-Facebook, uMengameli wenhlangano uMehrez Boussayan, wengeza ngokuthi lesi sigameko senzeke ngasogwini lwase-Tunisia enkabeni yedolobha yezwe.

“Kwangathi u-Allah angaba nomusa ku-Eya amnikeze ukuphumula kwaphakade epharadesi futhi anikeze umndeni wakhe nezihlobo kanye nawo wonke umndeni wezemidlalo ukubekezela nenduduzo,” kusho isitatimende sekomidi.

Imiphakathi yase-Tunisia ibibuza abaphathi ba-Eya no-Sarra ukuthi bahambe kanjani ngesikebhe isimo sezulu singesihle. Kuphinde kwavela nokukhathazeka mayelana nohlobo lwezinto abazisebenzisayo ezibagcina bephephile. 

Umthombo wesithombe: @TheGuardian

Izihloko zakamuva