Sphiwe Masilela
Iqembu lama-Proteas alikawini ngisho i-ODI eyodwa cishe eminyakeni emibili – sebeselelwe umdlalo owodwa ngemuva kokuba kuqale i-T20 World Cup ezoqala mhla zingama-17 kuMfumfu.
INingizimu-Afrika ehleli esendaweni yesihlanu etafuleni lakamuva le-International Cricket Council (i-ICC), izobambana neqembu le-England elisendaweni yokuqala, baphinde babhekane ne-West Indies kanye ne-Australia.
Abathandi bekhilikithi bakhathazekile ngeqembu njengoba lingahambisani nomqeqeshi walo kanye nowayengumdlali uMark Boucher.
Iqembu lekhilikithi laseNingizimu Afrika lidumele ngemuva kokuhlulwa iqembu le-Sri Lanka ngoLwesibili, njengoba iqembu le-Sri Lanka liwine ngo-2-1 i-ODI series nokugijima kwabo kube ngama-78 kumdlalo wesithathu kanye nowokugcina.
Ukaputeni oyibamba uKeshav Maharaj uvumile ngokukhathazeka kwabo njengoba kumele badlale ngokuzimisela ukuze bangene kwi-World Cup yangonyaka wezi-2023, kumele sinakekele amaphoyinti esinawo siphinde siqale siwine imidlalo.”
Iqembu lama-Proteas laphumelela kuhlelo olwenzeka ngesikhathi sobusika banqoba ngokuncomeka behlula i-Ireland ngoNtulikazi.
Babuya e-West Indies ngenyanga edlule bewine amahlanda amane e-16 T20 kazwelonke ngaphansi kukaBoucher.
Ngemuva kokuhlula ama-West Indies sebenabadlali abangama-24, imidlalo eyi-10 abayiwinile kanye nemidlalo eyi-14 abahluleke kuyo kanti basakhathazekile njengoba bezoba nomdlalo wokugcina ne-India ngoMfumfu.
Kulabo abangamaqhawe kukhona odlala esiswini ogada ubuthakathaka babo, aphinde ahlanganise ikhono kulaba abanomfutho ukuze bakwazi ukubachitha.
Umdlalo wabo ne-India uzoshiya laba abaqokayo becabanga, kodwa umdlalo owahlehliselwa ukuthi udlalwe ngesikhathi sobusika ubuzobanika incazelo.
Ngesikhathi sikaGraeme Smith kanye noBoucher, ama-Proteas aziwa ngokuxinana kumathonamenti amakhulu.
Ngabe ukudlala kwabo okungekuhle okuphoxayo kuzoqhubeka nakumathonamenti amakhulu kwiqembu lama-Proteas ngaphansi kukaBoucher.
I-Social Justice and Nation Building (SJN) iwubize ngesikhathi esihle umhlangano njengoba iqembu lilungiselela ithonamenti kanti nobufakazi bukaBoucher bushiye abaningi bengathandeki. Kungangcono nazi okuncane okushiwo ngu-Enoch Nkwe ngokusula kwakhe ngokushesha njengomqeqeshi oyibamba lama-Proteas
Umthombo wesithombe: @SACricketMag