Iqembu lakuleli seliyilungele imidlalo yama-Paralympics eParis

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika elinamalungu angu-31 selikulungele ukuqala kwemidlalo yama-Paralympic, njengoba i-SA Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc) izobahlomulisa ngokukhulu abasubathi. 

Le midlalo yama-quadrennial multi-sport Games iqale ngoLwesithathu lapho umsubathi wezokugijima uMpumelelo Mhlongo kanye nombhukudi uKat Swanepoel bemele iqembu laseNingizimu Afrika. 

“Thina njengeqembu laseNingizimu Afrika sijabule ngokubamba iqhaza elibonakalayo empumelelweni yale midlalo futhi sijabule kakhulu ngokuqala umkhankaso wethu ngoLwesithathu. Konke sekumi ngomumo,” kusho umqeqeshi weqembu uPatience Shikwambana.

INingizimu Afrika izoqhudelana ezigabeni eziyisishiyagalolunye, okukhona kuzo i-archery, ama-athletics, i-boccia, eyamabhayisikili, i-equestrian, i-judo, i-triathlon, eyokubhukuda ne-wheelchair tennis konke okusohlelweni lomcimbi wezinsuku ezingu-12.

Ngaphambi kwemidlalo i-Sascoc imemezele ukuthi abazohlomula igolide bazothola u-R400 000 kuthi abazothola isiliva bazohlomula u-R200 000 kuthi abazohlomula i-bronze bazothola u-R75 000 njengamabhonasi. 

“Sinenhlanganisela enamandla yentsha kanye nesipiliyoni eqenjini lethu, futhi sinabo abamele yonke imidlalo eyisishiyagalolunye. Sijabule ngokuqala kwemidlalo,” kwengeza uShikwambana. 

Esithombeni ngenhla: UKat Swanepoel uzobe ephephezelisa ifulegi laseNingizimu Afrika emcimbini wokuvula ama-Paralympics e-Paris 2024.

Umthombo: @gsport4girls

Izihloko zakamuva