Doreen Mokgolo
Iqembu lomdanso lentsha lase-Katlehong elawina imiklomelo e-Ekurhuleni lizophakamisa ifulegi lakuleli e-Europe ngomdanso walo wakamuva othi-Via Injabulo.
Lo mdlalo ugqugquzelwe ubhubhane lwe-Covid-19 futhi uzokhonjiswa ezinkundleni zemidlalo yeshashalazi ngoNtulikazi nangoNcwaba.
Iqembu le-Via Katlehong lamalungu ayisishiyagalombili abesilisa abane nabesifazane abane be-gumboot kanye nabadansi be-pantsula lihlanganyele nabadansi bezingoma base-Portugal kanye nabase-French.
Umqondisi waleli qembu uBuru Mohlabane uthe lo mdlalo uzoqala ukukhonjiswa mhla zintathu kuNtulikazi embukisweni we-Juli Dance ose-Amsterdam e-Netherlands.
Bazobe sebedlulela e-France lapho bezobe benandisa khona kuma-Festival d’Avignon ayisikhombisa okungenye yemicimbi emikhulu e-Europe ngesikhathi abadansi abasezingeni eliphezulu bezobe bekhombisa ithalente labo.
“Umsebenzi wethu waziswa kakhulu e-Europe. Ilapho sithola khona izincwadi eziningi futhi sikwazi ukuziphilisa,” kusho uMohlabane.
“Ngesikhathi sekhefu le-Covid-19 besingakwazi ukusebenza noma ukuhamba. Lokhu kwasiphoqa ukuthi sihlole amakhono ethu kwezobuciko ngokubhala imidlalo yeshashalazi. Lo mbukiso ungomunye wemiphumela.”
Leli qembu lasungulwa nguDavid Mohlane eminyakeni engu-30 eyedlule ngenhloso yokuvimbela abantu abasha emigwaqeni eyingozi ngesikhathi sombuso wobandlululo.
Banikeza ukuqeqeshwa kubantu abasha abafuna ukuba ngabadansi abaqeqeshiwe ikakhulukazi kwi-gumboot, nepantsula, nezitayela zokudansa zamanje.
UMohlabane wajoyina leli qembu eminyakeni engu-22 edlule. Kumnike ithuba lokuhamba emhlabeni wonke ekhombisa ithalente lakhe kubabukeli bamazwe ngamazwe.
“Inkundla ikhaya lami kusukela ngafika eqenjini ngikwazile ukuziveza ngokugcwele.
“Kuyishwa ukuthi ithalente lethu lithakaselwa kakhulu e-Europe kunelakuleli, kodwa sinethemba loshintsho.”
Bagxile kakhulu kwi-pantsula umdanso waselokishini wakuleli kanye nezinye izinhlobo ezifana nama-gumboots, i-tap pantsula kanye nezitebhisi okuyincazelo yaselokishini yomdanso we-gumboot.
Iqembu le-Via Katlehong liwine izindondo ezahlukene okubalwa kuzo i-FNB Vita Dance, i-Dance Umbrella Awards, i-Gauteng Dance Showcase, i-KTV Most Brilliant Achievement kanye ne-Gauteng MEC Development Award.