Iqembu labesifazane lebhola likhala ngokungakhokhelwa

Dylan Bettencourt

Iqembu lebhola labesifazane lase-Nigeria alikakakhokhelwa ngemizamo yalo kowe-Women’s Africa Cup of Nations (i-Wafcon) ngenyanga edlule.

Izinkinga zokukhokha bezilokhu zikhathaza iqembu labesifazane lase-Nigeria elibambe umbhikisho ngemuva kwe-Wafcon ngaphambi kokuhlungela indawo yesithathu.

Iqembu linqabile ukuzilolonga ngaphambi komdlalo ne-Zambia elahlulwa kuwo ngenxa yokungakhokhelwa kwamabhonasi nezibonelelo.

Ukuze ukhohlise iqembu ukuthi libambe iqhaza emdlalweni wendondo yethusi uMnyango Wezemidlalo wavuma ngomlomo ukukhokhela abadlali ngokugcwele nokho leso sithembiso asikafezeki. Iqembu lisazothola imali kulo mqhudelwano.

Umdlali ngamunye kufanele athole imali elinganiselwa ku-R150,000.

Yize i-Nigerian Football Federation (i-NFF) ithi imali izokhokhwa maduze, kodwa abadlali abayikholwa leyo.

Ilungu lesikwati elingathandanga ukudalulwa igama lithe abadlali bakhohliswa ngamanga ahlukene. 

“Bathe imali isigunyaziwe futhi sizoyithola ezinsukwini ezimbalwa lokho bekungaphambi komdlalo ne-Zambia,” lo mdlali utshele i-BBC Sport Africa.

“Manje sekudlulile lokho kwaba nezaba njengezinombolo ze-akhawunti ezingalungile kuya ezindabeni zenethiwekhi. Amanga nokungahloniphi kukhombisa ngokusobala ukuthi bathanda ukuphatha iqembu labesifazane ngendlela engenabo ubulungiswa.”

Lo mdlali wengeze ngokuthi uhulumeni washesha ukubungaza impumelelo yabo e-Morocco, kodwa kusukela ngaleso sikhathi abakaze bezwe lutho mayelana nezimali zabo.

“I-Sports Ministry yashesha ukubungaza impumelelo yethu ngezitatimende ezinkulu kodwa selokhu yaqala le nkinga yemali, bathule.”

“Cabanga nje ukube enye yamadodakazi abo ibidlalela i-Nigeria bebengeke bayiphathe ngendlela abaphatha ngayo thina.”

Abadlali kumele bathole imali engaphezulu kunale abazoyithola kwi-Wafcon. Imali yokuya e-Austria nase-Canada nayo ayikakhokhwa. 

“Abadlali kumele ngabe bayayithola imali kuleli sonto ngoba isilungisiwe,” kusho isikhulu se-NFF sitshela iBBC Sport Africa.

Image source: @

Izihloko zakamuva