Iqembu labesifazane lamaBhokobhoko lakha okuthile okukhethekile

Dylan Bettencourt

Ngemuva kweminyaka emibili bengenzi lutho ngenxa ye-Covid-19, iqembu lamaBhokobhoko lebhola lombhoxo labesifazane liqale imvuselelo yalo ngochungechunge lwemidlalo emihle. I-Europa Tour yabo, naphezu kwemiphumela, ikhombisile ukuthi iqembu selihambe ibanga elingakanani.

Bakleliswe endaweni ye-13, kodwa baphinde babuyela emdlalweni ngokunqoba kabili bedlala ne-Kenya ngoNcwaba kulo nyaka.

Iningi labesifazane eqenjini bebengakaze babhekane namaqembu amahlanu aphezulu ngaphambi kokuthi liye e-Stade de la Rabine ukuyobhekana ne-France. INingizimu Afrika ihlulwe ngo 46-3, kodwa iqembu labesifazane lamaBhokobhoko lihlale enkundleni ukujabulela ukudlala nezimbangi ezihlonishwa kangaka.

Abesifazane benze umdlalo ongcono kakhulu bebhekene ne-Wales ngoMgqibelo, lapho abahlulwe khona ngo 29-19 e-Cardiff.

Iqembu libheke ukuphinde lidlale futhi ngemuva kokudilizwa isikhathi eside, njengoba lilungiselela iNdebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo Yabesifazane ngowezi-2022 ezosingathwa e-New Zealand.

Umqeqeshi uStanley Raubenheimer ujabulile ngokukhula okukhonjiswe yiqembu lakhe ohambweni lwabo lwase-Europe.

“Ngokwengqondo nangokomzimba, sikhuphuke kakhulu emasontweni amabili, ikakhulukazi njengoba cishe singadlalanga ibhola lombhoxo ngonyaka odlule,” kusho uRaubenheimer.

Iqembu labesifazane lamaBhokobhoko libe nezinkinga ezilindelekile ezivela ngesikhathi sabo sokuphumula ngenxa yokuntula kokuqina kwabadlali emdlalweni: abaningi bahlushwa amajaqamba futhi iqembu liqale imidlalo kabi.

UZintle Mpupha, oshaye i-try bebhekene ne-Wales, uthe iqembu lihamba ngendlela, kodwa kumele lithuthuke ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo.

“Bekudumaza. Kodwa ngokuvamile nginomuzwa wokuthi senze izinto eziningi ezinhle esingakhela phezu kwazo. Okujabulisayo kulawo ma-try ukuthi kukhombisile ukuthi asikaze siphele amandla futhi singenza imilingo,” esho .

Iqembu labesifazane lamaBhokobhoko lizoba namaseshini amabili okuzilolonga neqembu lase-England, ngaphambi kokuthi baqede uhambo lwabo ngokudlala ne-Barbarians e-Twickenham mhla zingama-27 kuLwezi.

Umthombo wesithombe: @WomensBoks

Izihloko zakamuva