Iqembu labesifazane abagibela izithuthuthu i-Speed Diva livela kwividiyo

Ividiyo yengoma yomculi we-Afrobeats wase-Nigeria uDare ebizwa ngokuthi “iJojo” ifake iqembu labesifazane abagibela izithuthuthu base-Lagos. UDarey- igama lakhe eliphelele elinguDare Art Alade uyindodana yomculi owaziwayo we-Jazz  uArt Alade.

Leli qembu, elaziwa nge-Female Bikers Initiative, laqanjwa nguJeminat Olumbegbon, izibongo zabo yi-Speed Diva. Yiqembu lokuqala labesifazane abagibela izithuthuthu e-Nigeria.

Leli qembu lihlose ukuqeda izinto ezivimbela abantu besifazane ukuthi baye phambili kanye nomdlavuza webele nowesibeletho.

Ividiyo ikhombisa uDarey kanye nabesifazane abagibela izithuthuthu bengena kwezinye izindawo zomhlaba e-Lagos kulesi sikhathi sobhubhane esikhona emhlabeni.

Unkosikasi kaDarey uDeola Art Alade naye uyasigibela isithuthuthu futhi “unothando lokubona abantu besifazane beyaphambili”.

Izihloko zakamuva