Iqembu elishushumbisa izintuthwane liboshelwe ukuntshontsha izintuthane zase-Afrika eziyivelakancane

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Abantu ababili base-Belgium, abadabuka e-Vietnam kanye nowase-Kenya babanjwe nezintuthwane ezigcwele i-cotton test tube.

Inkantolo yase-Kenya ibagwebe unyaka owodwa ejele noma inhlawulo engu-R140,371 umuntu ngamunye ngokushushumbisa izilwane zasendle.

Amadoda amane azame ukuntshontsha izinkulungwane zezintuthwane eziyivelakancane e-Kenya aboshwe unyaka wonke noma kumele akhokhe inhlawulo enkulu.

Amadoda amabili, omunye ongowase-Vietnam omunye e-Kenya babanjwe nezintuthwane ezingaphezu kuka-5,000 ebezifakwe emashubhuni okuhlola afakwe uvolo.

Ezinye bekuyizintuthwane ezinkulu zase-Afrika ezaziwa ngokuba nenani lika-R4,010.60 iyinye emakethe.

Inkantolo ilalele ukuthi owesilisa wase-Vietnam, uDuh Hung Nguyen, waziphatha njenge-courier kanti owesilisa wase-Kenya, uDennis Ng’ang’a wazenza umthengisi owathenga izintuthwane endaweni yangakubo.

Omunye wabase-Belgium, uLornoy David, utshele inkantolo ukuthi ubengazi ukuthi akukho emthethweni wathi ubegcina izintuthwane eziyishumi ekhaya. Omunye, uSeppe Lodewijckx, uthe usanda kuba nentshisekelo kulento.

IMantshi uNjeri Thuku akazange azithenge izaba. Uthe isibalo sezintuthwane ezitholakele sikhombisa ukuthi lokhu bekungeyona into nje yokuzilibazisa kodwa kuwusongo lwangempela kwimvelo.

“Izilwane eziningi azisekho ngenxa yokuhaha kwabantu,” kuxwayisa yena, wengeza ngokuthi sekuyisikhathi sokuthi kuqedwe lokho.

I-Kenya Wildlife Service yasincoma isinqumo senkantolo, yathi sithumela umyalezo oqinile wokuthi i-Kenya izimisele ngokuvikela izilwane zasendle ngisho noma kuziwa ezilwaneni ezincane ezinjengezintuthwane.

Esithombeni esingenhla: Iqembu elishushimbise izintuthane.

Umthombo wesithombe: @Kenyajudiciary

Izihloko zakamuva