Sizwe Sibiya
Besuka e-Katlehong e-Ekurhuleni, abaculi ababili be-house i-MFR Souls bahlele ukukhipha ividiyo yabo eshisa izikhotha yakamuva ngoLwesihlanu mhla zintathu kuNhlangulana.
Ingoma ikhishwe mhla zinhlanu kuNhlaba, kanti i-Spharaphara ingoma yabo abayicula nomculi osafufusa kule mboni, uTS The Vocalist isibonakala.
I-MFR Souls ilwela isihlalo sobukhosi “senkosi yama-piano”, njengoba beyiqembu labaculi bokuqala ukukhiqiza ama-piano. UKabza De Small uyakujabulela ukubizwa ngombusi walolu hlobo lomculo, njengomunye wabadidiyeli abahlezi bekhipha izingoma ezishisa izikhotha ngokulandelana azicula nabaculi abahlukene.
I-Spharaphara igama elisetshenziswa kakhulu emalokishini aseGoli, okusho isenzo “sokuntweza esitimeleni” ngokugxumela phakathi nangaphandle esitimeleni esihambayo ngokwenza izinto ezihlukene eziyingozi.
Engomeni, uTS The Vocalist ucula ngezindlela zokwenza amaqhinga e-Zone 6, e-Orlando, e-Soweto eGoli.
Uma ungumuntu osemculweni wama-piano wezelamani uDaliwonga noSir Trill, kungenzeka uzithole usuthandana ne-Spharaphara.
“Sijabule kakhulu ngokukhipha ividiyo yethu entsha yomculo ethi #Spharaphara ngoLwesihlanu mhla zintathu kuNhlangulana ku-Channel O,” kubhala i-MFR Souls kwi-akhawunti yabo ye-Twitter.
Ividiyo yomculo, okwabelwanwe ngayo okokuqala ngoLwesine, izotholakala kusukela ngo-5pm ku-YouTube.