Dylan Bettencourt
Yize beqale kabi kule sizini, iqembu le-Kaizer Chiefs lihlulwe ngo 4-1 iqembu eliselisha i-Royal Am, okube yihlazo elingakaze libe khona eNingizimu-Africa.
UStuart Baxter neqembu lakhe basawine kanye kwimidlalo emine ye-DStv Premiership.
Ukuhlulwa iqembu elizama ukwakha isimilo noma isithunzi salo kwiligi kufike njengesilonda esikhulu kubalandeli be-Kaizer Chiefs.
Ukudlala kahle okwenziwe uSepana Letsoalo, igoli elishawe uMfundo Thikazi kanye negoli elishawe uSibusiso Mabiliso weqembu le-Chiefs kunike i-Royal AM amandla okuhlula iqembu le-Chiefs enkundleni ye-FNB ngoMgqibelo.
“Lokhu akukho kuhle neze futhi kuletha ihlazo, ngiphinde ngixolise kubalandeli,” kusho uBaxter etshela abalandeli kumabonakude ngemuva kokuphela komdlalo.
Owayengumphathi weqembu lesizwe iBafana Bafana uqhubeke wathi yize isayidi lakhe liveze amathuba amahle okushaya amagoli, ukungazi kwabadlali kusho ukuthi bebengabukeki njengabadlali abazimisele enkundleni.
Iqembu le-Chief belilokhu linamashwa njengoba abalandeli beqembu bake bahlela ukubhikisha ekuqaleni kwalo nyaka, ukuze bazwakalise ukudinwa kwabo ngendlela iqembu ebelidlala ngayo.
Ukukhalaza kwabo kubukeka ngathi kuphendulekile njengoba kube nezinguquko eziningi ezenzeke eqenjini, kodwa ukuhlulwa kweqembu kuzovula omkhulu umgodi kushaye nokuzethemba kwabo.
UBaxter uzigxeka yena ngokuhlulwa kweqembu: “ekuthatheni izinguquko silahle indlela okuyiyona, mhlawumbe kumele ngizigxeke ngalokho, kodwa ngicabanga ukuthi niyabazi abadlali bethu ukuthi balunge ngokufanele futhi bangakwazi ukwenza noma yini. Kodwa indlela abasabele ngayo, nokungazi, bekungekuhle.
Njengoba isanda kuqala i-Premier Soccer League(PSL) i-Kaizer Chiefs ingazithola isisheshe iphuma uma ngabe benganyusi amasokisi kulamasonto azayo.
Iqembu le-Chiefs njengamanje selizithola lihleli kwinombolo yeshumi nambili namaphoyinti amane uma ngabe imiphumela yalaba abasezansi ingakhuphuki, bangazithola sebehlela kwinombolo yeshumi nanhlanu ekupheleni kwalelisonto.
Umthombo wesithombe: @KaizerChiefs