Lungani Zungu
Iqembu le-ANC liyahluleka ukuqoqa izinkinga ababhekene nazo njengoba belungisa izinkinga kuphinde kuvele ezinye.
Iqembu elibusayo libhekane nehlazo lokungakwazi ukubamba ukhetho lomasipala okungenani emkhandlwini kamasipala engama-36 kwengama-257.
Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi iqembu lihluleke ukuhambisa uhlu lwabazongenela ukhetho kwikhomishini ezimele yobuciko (i-IEC) ngesonto eledlule.
Iqembu manje libeke ithemba lalo kwisinqumo esizayo esizoba isivumelwano. Njengoba isinqumo singakaphumi ukuthi ukhetho kumele luhlelelwe umhla zingama-27 kuMfumfu noma lihlehliswe.
I-ANC ihlalele ovalweni futhi ifisa ukuthi inkantolo ephezulu iluhlehlise ukhetho ukuze lokhu kuzobanika isikhathi sokuhambisa uhlu lwabantu olugcwele abazongenela ukhetho.
Kulezi zifundazwe lapho iqembu le-ANC lihlulekile khona ukuhambisa uhlu lwabantu abazongenela ukhetho kubalwa iMpumalanga, i-Free-State, iKwaZulu-Natali, i-Limpopo kanye ne-Eastern-Cape.
E-Mbombela, i-ANC ibambe kakhulu eMpumalanga, iqembu labhalisa abantu abangama-29 kubantu abangama-45 abazongenela ukhetho.
KwaZulu-Natali iqembu lihlulekile ukubhalisa uhlu lwabantu endaweni yaseDumbe, eQulusi, kwaNongoma kanye nasoPhongolo.
Lezi ndawo zasemakhaya zibaluleke kakhulu njengoba kugcwele amalungu eqembu le-IFP kanye nele-ANC.
Ukungabhaliswa kohlu lwabantu abazongenela ukhetho kungenza iqembu le-ANC lilahlekelwe amavoti athathwe i-IFP noma i-DA, njengoba la maqembu aseqala ukungena ezindaweni zasemakhaya.
I-ANC iphinde yahluleka ukuhambisa uhlu lwabantu abazongenela ukhetho endaweni yase-Tshwane nase-Gauteng.
Ngokushesha i-ANC ifake amaphepha enkantolo ukuze ikhomishini ezimele yezobuciko (i-IEC) ivule ithuba, kodwa isicelo sihoxisiwe ngoLwesibili, kanti sebelindele isivumelwano senkantolo yomthethosisekelo.
I-ANC ihlulekile ukuhambisa uhlu lwabazongenela ukhetho kwikhathalogi yeqembu leminyaka eyi-100, kufaka phakathi ukulwa nokuhlukaniswa kwamaqembu.
Iqembu alinamali futhi liyahluleka ukukhokhela izikweletu zezinyaka ezintathu.
Umhlaziyi wezepolitiki uPrince Mashele uthe kunezinkomba ezikhombisayo ukuthi iqembu liyawa.
“Lokhu kuyisiqalo sokuphela kweqembu” kusho uPrince.
Uma ngabe ukhetho luqhubeka ngoMfumfu, uthe abalandeli be-ANC bangase bangalivoteli iqembu, kanti abanye angeke balubhade ngisho ezindaweni zokuvota.
Lokhu kungavimba i-ANC ibuyise okwalahleka ngonyaka wezi-2016 ngesikhathi kuvotelwa ohulumeni bendawo kusho uPrince.