Iqembu alisenalo ithemba kimi – kusho uZidane

Menzi Magubane

UZinedine Zidane uchaze ukusula kwakhe esikhundleni njengomqeqeshi weReal Madrid encwadini ayibhalele abalandeli.

“Ngiyahamba ngoba ngibona sengathi ikilabhu alisenalo ithemba kimi noma ukwesekwa kokwakha okuthile esikhathini samanje noma esizayo,” kusho uZidane.

UZidane uthole impumelelo enkulu ngesikhathi sakhe sokuqala neqembu, lapho athola khona izicoco ezintathu ze-UEFA Champions League neze-La Liga. Nguye kuphela umqeqeshi emlandweni we-Champions League onqobe isicoco se-Champions League ngokulandelana.

Ngowezi-2018, wehla esikhundleni kodwa wabuyela kwiqembu lase-Spain ngemuva kwesizini yokwehluleka kukaSantiago Solari.

Kodwa-ke, ithemu yakhe yesibili ayiphumelelanga njengokuqala.

Unqobe isicoco se-La Liga ngesizini edlule kodwa wehluleka ukusivikela kule sizini. Ubuye futhi waba nosizi ku-Champions League yale sizini, ehlulwa yiChelsea kowandulela owamanqamu.

“Ngibe nelungelo elikhulu lokuba umdlali nomqeqeshi ekilabhini enkulu kunawo wonke kodwa ngaphezu kwakho konke ngingomunye umlandeli weMadrid,” esho.

“Ngenxa yazo zonke lezi zizathu bengifuna ukubhala le ncwadi ukukuvalelisa ngichaze nesinqumo sami.”

Sekuvele kunamagama amabili asekhulunyiwe esikhundleni sokuphatha esingenamuntu. U-Antonio Conte ungomunye wababaliwe ngemuva kokuhlukana ne-Inter Milan ngesonto eledlule, kanti umphathi wamanje weParis Saint-Germain uMauricio Pochettino ungomunye ongahle aqeqeshe iLos Blancos.

Umthombo wesithombe: @footballtalk

Izihloko zakamuva