Iqale ngegiya eliphezulu eye-Afcon

Dylan Bettencourt

Iqale ngegiya eliphezulu imidlalo ye-Afcon eqhubeka eCameroon eqale izolo lapho osokhaya beguqise khona izimbangi zabo iBurkina Faso ngo 2-1. 

Le midlalo kanobhutshuzwayo emnandi izothatha inyanga yonke kanti idlalelwa emadolobheni amahlanu ase-Cameroon njengoba umncintiswano uqale  izolo ngeSonto.

Lo mqhudelwano ugcine  uqalile  ngemuva kokubambezeleka izinyanga ezimbalwa. Amazwe ase-Afrika angu-24 ahamba phambili kwezikanobhutshuzwayo azobambana ngezihluthu njengoba ezobe elwela ukuba ngompetha kowamanqamu ozoba ngomhlaka-6 kuNhlolanja.

Umqhudelwano unamaqoqo ayisithupha kanti iqoqo ngalinye linamaqembu amane. Amaqembu eqoqo ngalinye azodlala wodwa bese kuthi amaqembu amabili aphume phezulu eqoqweni ngalinye adlulela ku-last 16 womqhudelwano. Ngemuva kwalokho amaqembu amane ahamba phambili ahleli endaweni yesithathu azodlulela esigabeni somkhumulajezi.

Yonke imidlalo yesigaba samaqoqo izoqala ngo-3pm, ngo-6pm nango-9pm bese kusetshenziswa izikhathi ezimbili zokugcina emidlalweni yomkhumulajezi ezoba ngomhlaka-23 kuMasingana. Kunamazwe amaningi azibona njenge zintandokazi kulemidlalo.

Imidlalo ye-Afcon emihlanu edlule inqotshwe amazwe amahlanu ahlukene.

Akungatshazwa ukuthi i-Algeria eholwa ngumdlali wasesiswini we-Manchester City, uRiyad Mahreziyona iyona eyizintandokazi zokugcina ezihamba phambili ngokuphakamisa le ndebe ngoNhlolanja. Leli qembu laseNyakatho ye-Afrika alikaze lahlulwa nhlobo emidlalweni yalo engu-34 edlule.

I-Senegal inethemba lokuwina, njengoba igabe ngabadlali abaningi abaseqophelweni eliphezulu abadlala e-Europe okubalwa kubo uSadio Mane ongumdlali we-Liverpool nonozinti u-Edouard Mendy we-Chelsea – ongomunye wonozinti abasezingeni eliphezulu e-Europe.

Alikho izwe eseliwine lo mqhudelwano izikhathi eziningi ukwedlula i-Egypt esiwine amahlandla ayisikhombisa. Njengoba kukhona abadlali abafana noMohamed Salah eqenjini lalo, iqembu lasenyakatho ye-Afrika lihlale njalo liyingozi kulo mqhudelwano.

Njengenjwayelo i-Afcon 2021 ibingeke iphele ngaphandle kwengxabano, njengoba amakilabhu ambalwa ase-Europe kade enqaba ukudedela abadlali bawo ukuthi babe yingxenye yalemidlalo.

Iqembu elidlala kwi-Premier League, i-Watford likuphikile ukuthi belinqabela abadlali balo ukuba badlale kulo mqhudelwano. Ekugcineni lidedele umdlali oyedwa kuphela kwababili abavela e-Afrika ukuthi ayodlalela izwe lakhe. Umdlali wasesiswini  wase-Senegal u-Ismaila Sarr ugcine evunyelwe ukuhamba kodwa umdlali wase-Nigeria u-Emmanuel Dennis yena ngeke abonakale kuma-Super Eagles.

Umthombo wesithombe: @Goal

Izihloko zakamuva